Siyayigqobha Lezozo Nge ‘Nguyazane Yomhleli’
[INGUYAZANE YOMHLELI]: Namuhla nginentokozo ukunethulela ingosi entsha Inguyazane Yomhleli engizoyifaka kuMKHAYA njalo ngempelasonto, ngoMgqibelo noma ngeSonto lapho mina njengomhleli wale-online publication ngizobe ngibheka ngeso lokuhlaziya izihloko esisuke sibhale ngazo esontweni esiliphothulayo nezinye.
Abantu abaningi bamatasa kakhulu kulensuku, ikakhulukazi osopolitiki njengoba sekusondele izinsuku zokhetho lukahulumeni kazwelonke kanye nowezifundazweni olungo mhlaka-29 Nhlaba. Ngiyethemba nawe mfundi woMKHAYA usuyazi ukuthi iliphi ozolivotela, futhi uzobheka izidingo zakho bese uhlola ukuthi lelo qembu linawo yini amava okuzifeza.
Ngisakhuluma ngezokhetho, ziningi izimo ezixake, abanye bazithola sebengene ebugebengwini. Angisho njalo ukuthi ngiyabukhuthaza kodwa khona abaningi bangena kubo ngenxa yokuzama ukuphila kangcono.
Laphaya eMpumalanga kunoNobelanga Labane oneminyaka engu (40) ovele wenza isimanga. Akuvamile ukuthi abantu besifazane benze lento ayenzile, yikho ngithi isimanga. Lo muntu wesifazane kuthiwa uhlulwe ukuphumelela umatikuletsheni izikhawu ezine wavele wafokofisa, wabe esezenzela esakhe esithi yena. Ube esesikokotela, efaka nenombolo yomuntu kuso ukuze sisabele. Ube esebhalisa ukufunda i-Batchelor of Education e-Walter Sisulu University, wasisebenzisa efaka isicelo sokuba uthisha kwi-South African Council of Educators (SACE) nalapho esefaka isicelo sokufundisa. Ungqondongqondo lo, umangqozomane wesigebengu. Noma ubezizamela naye kodwa kumele ajeze ngoba ugebenge uhulumeni ebingenza ezinye izidingo njengoba eholelwe imali engu-R1.2 million sonke lesikhathi engumama sgebengu.
Sisakhuluma ngendaba yemisebenzi, kumele uqaphele mawuzophawula ngalento ngoba abantu bengakudla bekufele mawuzobhayiza. U-DJ Zinhle uzithole esemanzini abilayo emuva kokuphawula ngesimo sokungasebenzi eNingizimu Afrika ngesikhathi ekhuluma laphana ku-Radio 702. naye ubethi udlulisa umbono bakithi kanti akabuzanga elangeni. Lo-DJ uthe iningi labantu abasha kuleli akusikhona ukuthi abasenzi kodwa inkinga yabo abaqasheki. Kwabe uzithele, abantu bemthuka, bethi ukhuluma kanje ngoba yena izinto zimhambela kahle.
Usheshe wahlakanipha nokho ngoba uphuthumile ukulungisa lolu daba. Ube esebhala ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi “cha hho, mina bengithi abantu abantu abaqasheki ngoba kuye kuthi makuvela imisebenzi, abakwazi ukufaka izicelo ngoba abanawo amakhono nemfundo edingekayo ukuze beqashwe”. Nokho uke wabuthwala ubunzima uZinhle kangangokuthi uze wenza isibonelo ngokwenzeka ebhizinisini lakhe uma beqasha, nathe kubathatha isikhathi eside ukuthola umuntu ozovala leso sikhala.
Omunye-ke kuvele obeyindoda yakhe uvele wadlala i-video lapho babenza khona ucansi. Lendaba kaGcinile Thwala nobeyisoka lakhe uThemba ‘Grootman’ Selakhe namanje kusakhulunywa ngayo. Laba bebethandana kukuhle futhi behlezi befaka izithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana, gwiqiqi sebeyinkukhu nempaka. UGcinile ugcine eyishiye phansi lento kanti lona wesilisa uzoba nenhliziyo ebuhlungu. Umatasa-ke manje ufaka ama-video benza ucansi besathandana noGcinile. Cabanga ufakelwa izwelonke, lawo mahloni nje.
Kanti sekwaba njani emasontweni, nangu umama mfundisi ethi ibandla like lathi akakhiphe isisu. Lapha sikhuluma ngoNandipha ‘Queen Nandi’ Mlombi okhale ngebandla abekhonza nomyeni asehlekene naye bengabefundisi kulo, i-Methodist Church. Utshele u-Enock Phiri ohlelweni oluthi Dominion ku-Honey TV leli bandla “ngelika Sathane uqobo lwakhe’ ngenxa yezinto elizenzayo. Ubabaze ukugcwala kwabefundisi abayizitabane kulo nokunye ukungcola okuningi. Uthe linuka phu isono.
Sengizoyivala lengosi kodwa ngeke kulunge ngingakhulumi ngendaba yasendlunkulu. Kazi iyozala nkomoni? Ngike ngezwa kuthiwa Kuthe phakathi nesonto kwafika obabomncane beSilo esibusayo behamba nogogo waso uGwabini, esigodlweni ebesikuso sababizela amaphoyisa. Aw ngiyakhohlwa yini, kuthiwa bekukhona nodade beSilo, kuthiwa-ke sivale isango sangavumela muntu ukuthi angene ngaphakathi. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi sagcina sivumele ugogo nodade baso bangena.
NeNkosi uShinga wenze okungajwayelekile ephikisa umhlangano obubizwe yiso ISilo ngoLwesine ISilo. INdlulamithi ibimeme amakhosi emhlanganweni ezindlini zesishsyamthetho ezindala oLundi ngnhloso yokukhuluma izindaba zomhlaba kanye Ingonyama Trust Board. Ngizwe kuthiwa ISilo sizwe ngandlebenye ukuthi khona abaconsela umhlaba waso amathe. Manje Inkosi uShinga uvele wabhalela ISilo incwadi ethi asiwumise lomhlangano waso, siqale sibonane nobuholi bendlu yamakhosi esifundazweni obuholwa uyena. Nokho ugcine uqhubekile lomhlangano naso ISilo sakubeka esinganeme ngakho.
Sengigcina ngci.. ngci.. Uzwile yini ukuthi sekuzofundwa ngezilimi zebele zonke izifundo ezikoleni. Sibhalile ngaloludaba kuMKHAYA. Ungqongqoshe wemfundo eyisisekelo uNkk. Angie Motshekgo umemezele lokhu ngoLwesibili ese-Free State. Uthe ucwaningo olwenziwe umnyango luveze ukuthi abafundi abenza izifundo ngolimi lwabo lwebele benza kahle kwimiphumela yabo yokuhlolwa. Ngakho abasabheki emuva ngalolu hlelo oluzoqala ngonyaka ozayo ebangeni lesine (grade 4).
Ngithemba ukuthi nizithokozele izindaba zethu kuleli sonto.
Izindaba engibona ukuthi kuzobe kuxoxwa ngazo kuleli sonto ilolu lukaGcinile nobeyisoka lakhe, isiteleka esiqhubekayo sabamatekisi eThekwini, kulindeleke ukuthi umengameli uCyril Ramaphosa aqhubeke nokusayina imithetho njengoba kade enza isonto elonke eledlule, okunye futhi okulindelekile kuye ukuthi enze nezinqumo ezibalulekile kuhulumeni. Nayo lemithetho esisayinwa kangaka muva nje, kuyasolisa.
Nibe nempelasonto emnandi, sobuye sixoxe.