Umnyango Wamajele Uvale Isondlo Sabantwana Ngenxa Yamaqola E-internet
Umnyango wezobulungiswa namajele uphoqeleke ukuthi uvale yonke into ethinta imali kuhlanganisa neyesondlo sezingane eholwa ngobuchwepheshe bemishini (ATM) emuva kokuba kube neminyakazo esolisayo eyenzeka kubuxhakaxhaka (system) obusetshenziswayo ukudlulisa lemali.
Okhulumela umnyango uKgalalelo Masibi utshele abezindaba ngoLwesihlanu emini ukuthi balumisile okwesikhashana uhlelo lokudlulisa imali kuzo zonke izinhlaka abasebenzisana nazo kuhlanganisa naleyo esuke ingeyabantwana abondliwa ngezinkantolo.
Uthe lokhu kwenzeke emuva kwesikhashana nje “kusolwa ukuthi kukhona abazama ukuqola ubuxhakaxhaka abasebenza ngabo”.
Uqhubeke wathi sidumo nje kuqalwe uphenyo ukuthola ukuthi ngabe konakelephi, kwabe sekwaziswa bonke abathola imali kulo mnyango ukuthi beye ezinkantolo eziseduze kwabo ukuze besizakale.
“Kulandela lesi simo esenzekile, kucelwa bonke abahola imali yesondlo sabantwana ukuthi baye ezinkantolo eziseduze kwabo, bephathe omazisi ukuthe benikezwe imali esandleni kuze kube kulungiswa uhlelo lobuxhakaxhaka”, kusho uMasibi.
Eqhubeka echaza uthe umnyango uhlanganise ngokushesha ithimba elizocubungula konke okusolisayo ngololu hlelo lokudlulisa imali.
“Senza konke esingakwenza ukuqikelela ukuthi into ethinta izimali emnyangweni iphephile futhi simehlo mane ukugada isimo esifuze lesi esikhathini esizayo. Sifisa ukuxolisa kulaba abasizakala kulolu hlelo lwezinkantolo ngesidididi esenzekile, sibonga kakhulu ukuba babekezele futhi beqonde isimo esisehlele”, kuphetha uMasibi.