“Ukufundisa Ngezilimi Zebele Kuzokwenza Imiphumela Ibe Mihle” – Angie Motshekga
Ungqongqoshe womnyango wemfundo eNingizimu Afrika uNkk. Angie Motshekga umemezele ukuthi umnyango awuholayo usezinhlelweni zokuqalisa ukufundisa izifundo ngezilimi zakuleli kusukela ebangeni lesine (grade 4) ngo-2025. Lokhu uMotshekga ukumemezele emhlanganweni obubhunga ngezemfundo esifundazweni i-Free State ngoLwesibili.
Uchaze kabanzi ngocwaningo olwenziwe umnyango wakhe ngemivuzo elethwa ukufundisa abafundi ngolimi lwebele futhi abaluqondayo. Wenze isibonelo ngabafundi abakhuluma isingisi njengolimi lwebele ukuthi benza kahle kakhulu ezifundweni ezifana nezibalo nezobuchwepheshe ngoba konke ofundwayo bakuqonda kahle. Uthe umgomo osebenzayo okwamanje emfundweni yakuleli uthi umfundi uzofundiswa ngolimi lwebele kusukela engena esikoleni aze afike ebangeni lesithathu (grade 3).
Kulo mhlangano obuse-Bloemfonten bekukhona zonke izikhulu zomyango wezemfundo, izinhlangano ezisebenzisana nomnyango kanye nomphathiswa womnyango wezemfundo e-Free State.
“Ucwaningo olwenziwe umnyango lusitshele ukuthi uhlelo esilusebenzisayo njengamanje alusebenzi kanti nemiphumela yabafundi minyaka yonke iyakubonisa lokho. Ulimi kwezemfundo luyinto ebucayi kakhulu”, kusho uMotshekga.
Utshele abebehambele lo mhlangano ukuthi udaba lokufundisa abafundi ngolimi lwebele luqale ukudingidwa ngo-2010 kwayena engakabi ungqongqoshe walomnyango.
UDkt. Mark Chetty ongumqondisi obhekele izivivinyo emnyangweni wezemfundo uthe bonke abafundi bebanga lesine abazobe befunda ngaphansi kwalolu hlelo lokufunda ngezilimi zakuleli bazofakwa ngaphansi kohlelo oluthuthukisiwe lokuvivinywa ngo-2025.
“Uhlaka lwezivivinyo luzoqeda ngohlelo oludala lokuvivinya ngoLwezi 2004 kanti lolu okukhulunywa ngalo luzoqala luhlole izifundo ezifana nezibalo, ubuchwepheshe bemvelo nokusungula kanye nezinye izifundo zamakhono”, kusho u-Chetty.
Isikhulu esibhekele uguquko emnyangweni nesiyisekela lomqondisi-jikelele emnyangweni wezemfundo uDkt. Naledi Mbude-Mehana sithe umnyango uhlonze ukuthi uyabonakala umthelela omuhle kwimiphumela yabantwana owenziwa ukubafundisa ngolimi lwabo, kakhulu ezifundweni ezifana nezibalo nobuchwepheshe.
Echaza uqhubeke wathi imiphumela yabafundi abenza ibanga-R kuya kwele-3 ikhomba ukuba mihle kakhulu njengoba bephumelela ngamalengiso. Ngokwezinombolo u-55% wabafundi abasebangeni-R abaphasa ngamalengiso, u-48% kwabasebangeni-1, u-39% kwabasebangeni-2 bese kuba u-31% kwabasebangeni-3 abaphasa ngamalengiso.
Le miphumela iyehla ebangeni-4 kuya kwelesi-6 uma umfundi esefundiswa ngesingisi njengoba imiphumela yabafundi abaphumelela ngamalengiso ebangeni-4 iba ngu-17% kuphela, u-12% ebangeni lesi-5 bese kuba 11% ebangeni lesi-6.
Kulomhlangano kuphoselwe inselelo izikhungo zemfundo ephakeme ngokuthi yonke imizamo eyenziwa umnyango wemfundo eyisisekelo ifike ingqindeke kuzona.
“Izikhungo zemfundo ephakeme zisinika inkinga njengoba kungekho ngisho esisodwa kuzo zonke ezingamashumi amabili nesithupha (26) esifundisa abafundi be-Bachelor of Education ngolimi lwebele esigabeni sezinga lokungena esikoleni. Othisha bangena ezikoleni bezofundisa abantwana abasebangeni-R kuya kwele-3 benenselelo ngoba uhlelo lwemfundo ephakeme alubaqeqeshile kahle ukufundisa ngolimi lwebele”, kusho.
“Okwamanje othisha besingisi nesibhunu kuphela abafundiswa ngolimi lwabo lwebele kusuka bengena esikhungweni semfundo ephakeme beze bephume”, kuphetha uMbedo-Mehana.