Kuvalwe Ngehlahla Emisakazweni Emikhulu, I-content Evuthayo Ibuzwa Kweyomphakathi
Namanje ngisazibuza ukuthi kungani uhulumeni engathuthukisi imisakazo yomphakathi phecelezi ama-community radio stations.
Kungani ngempela uhulumeni engafaki imali khona le misakazo yomphakathi izokhula ifike ezingeni likazwelonke.
Lokhu ngikusho ngoba i-content oyithola kuma-community radio stations ivele isezingeni likazwelonke, idinga ukuzwakala yonk’indawo. Babanjelweni ngophondo?
I-content yeziteshi zomphakathi ngeke uyiqhathanise ne-content ebanda njengekhala lenja, oyithola kulezi ziteshi zakwa-SABC.
Yebo zikhona ezizamayo kodwa kulezi zabantu abamnyama ezifana noKhozi FM kuvalwe ngehlahla shem, angifuni ukungasho.
Ngibalulala UKhozi FM ngoba yilona oluhamba phambili ngokwabalaleli. Yize kunjalo ngiyakhala nge-content edliswa lezi zigidi zabalaleli.
Angisiboni isizathu esidala ukuthi i-SABC ilokhu ifuqwa ngemali itakulwa ezikweletini ekubeni bona behluleka ukusinika umsebenzi osezingeni.
Uma ungangikholwa uboke uziphe isikhathi ulalele umsakazo womphakathi bese uqhathanisa noKhozi FM. Uvule nje umsakazo wakho kusukela ekuseni kuze kube ntambama.
Njengoba sekusele izinsukwana sivote, ngiphawule ukuthi imisakazo yomphakathi igxile ezindabeni zokhetho, nasemacaleni aqhubeka ezinkantolo. Yize kunjalo bayaqhubeka nokujabulisa abantu. Izinhlelo zabo zididiyelwe kamnandi, ziyalaleleka, ziyafundisa, ziyakhumbuleka.
Empeleni ugcina usufana nekati elibekelwe ubisi no-cheese, ungasazi ukuthi ulalele bani uyeke bani.
Kanti ke ne-quality yabasakazi bale misakazo yomphakathi iphezulu kakhulu.
Uzwa ngezihloko abasuke bekhuluma ngazo, indlela abapheka ngayo izihambeli zabo kanye nendlela nje abacubungula ngayo izinto, uvele ubone ukuthi yah, lo msakazi uyazazi ukuthi ukhuluma ngani.
Ngize ngifise sengathi bangashintshana, kuthi laba basakazi bomphakathi bafakwe ngale kwa-SABC, laba bakwa-SABC babuyiselwe emisakazweni yomphakathi.
Kanjalo, nabalaleli balezi ziteshi zomphakathi bagcina sebeyinto eyodwa nabasakazi. Uzwa ngendlela abaxhumana ngayo nabasakazi, nendlela abahlonipha ngayo abasakazi.
Ngamanye amagama, le misakazo yomphakathi igcina isikhipha abalaleli abacabanga, nababuka izinto ngehlo elijulile.
Kukancane uthola umlaleli ophuma eceleni.
Ngiyazi ukuthi kulezi ziteshi zakwa-SABC basuke bekhona o-producer, bezoqinisekisa ukuthi uhlelo lumnandi futhi luyaheha.
Kodwa kukancane uthola izihloko ezihlabahlosile nezakhayo kubona. Isikhathi esiningi abasakazi basuke bezidlel’ ingevu ngezinto ezingathi shu noma bebhinqana nabantu.
Ngisho sesikhona ke isihambeli kule misakazo emikhulu kodwa imibuzo ebalulekile nelindelekile ayibuzwa nhlobo.
Njengoba sekusele izinsukwana ngaphambi kokuba kuvotwe awuke uziphe isikhathi ulalele imisakazo yomphakathi nale emikhulu ubuye uzongitshela ekhasini lami lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi].