Izindaba

Kukhulu Okuza Nabaphathi Abasha Be-Engen Kuleli

I-Vivo Energy esohlelweni lokuhlangana ne-Engen ngenhloso yokukhulisa ibhizinisi eNingizimu Afrika, isithembise ukuthi inezinhloso ezinhle futhi ezinkulu uma sekuphothulwe zonke izinhlelo zokudayiselana ngamasheya. Kuleli sonto lenkampani iqedele uhlelo lwayo lokuthenga amasheya angu-74% kwi-Petronas ebiphethe i-Engen iminyaka engu-25.

Lokhu kusho ukuthi i-Vivo Energy Group esizosebenza njengomnikazi we-Engen, isiphethe iziteshi ezingu-3 900 zika-petrol kuleli, futhi isinamathangi agcina u-petrol ongama-litre angu-2 billion emazweni angu-28 kwibhizinisi elise-Afrika.

Isithombe: I-Engen ishintshe imibala okwesikhashana ngesikhathi kuqhubeka indebe yomhlaba yebhola lombhoxo ngo-2023, ngenhloso yokuseka iqembu lakuleli

Inkampani i-Phembani Group ebivele isebenzisana ne-Engen kuleli ngohlelo lwe-Broad-Based Black Economic Empowerment (B-BBEE) izoqhubeka ibambisane ne-Vivo Energy Group ngamasheya ayo angu-21%. “Emuva kokumemezela izinhlelo zokudayiselana amasheya zonke izinhlangothi zisebenze kanzima ekutheni kuqedelwe izinhlelo zokuthola igunya elisemthethweni lokusebenza kanye nokuqinisekisa ukuthi yonke imibandela yebhizinisi iyalandelwa kuzo iziteshi zethu”, kusho isitatimende se-Engen nonyaka.

Ngokwezinhlelo ze-Vivo Energy Group ibhizinisi lizoqhubeka ngendlela okusetshenzwa ngayo ukuze kungabi nesidididi kumakhasimende, abasebenzi nabanye okusetshenziswana nabo, kodwa igcizelele ukuthi ukuthi umkhiqizo wayo uzoba ngohamba phambili futhi banezinhlelo ezinkulu zokuzuzisa amakhasimende kanye nabanini bamasheya.

Okunye ekushilo lenkampani ukuthi izimisele ukubambisana nohulumeni ekutheni kugxiliswe ukusebenza okonga ezamandla ngenhloso yokulekelela uhulumeni emizameni yakhe yokonga ugesi kanti futhi ibhizinisi lizotshala imali eningi ezinhlelweni zokulikhulisa eNingizimu Afrika.

“Ukuhlangana kwe-Vivo Energy Group ne-Engen ngenhloso yokwakha isizinda esikhulu e-Afrika akuzukuzuzisa amakhasimende aseNingizimu Afrika kuphela kodwa kuhlose ukuqopha umlando wokuba inkampani ezihola zonke futhi ehlonishwayo kuleli bhinizisi”, kusho u-Chris Bake onguSihlalo we-Vivo Energy.

Izinhlelo ze-Vivo Enenrgy Group ne-Engen zokuqinisa ibhizinisi lika-petrol kuleli ziza emuva kokuthi esinye isikhondlakhondla esihlonishwayo ekudayisweni kwemikhiqizo yezimoto no-petrol, i-Shell simemezele izinhlelo zokuhamba kuleli. Ngakolunye uhlangothi i-BP nayo eyigama elihlonishwayo kuleli bhizinisi yona imemezele ukuthi ukuthi inezinhlelo zesikhathi eside zokuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.