Amaphoyisa Athole Isidumbu Singenakhanda Emlazi
Amaphoyisa asevule icala ngesidumbu esitholakale emathuneni asEmlazi esigcemeni sakwa-T ngoLwesine. Kuthiwa unogada obezulazula ehlola isimo emathuneni uzwe iphunga elibi, okuthe mayesondela ngalapho elimandla ngakhona wazithela phezu kwesidumbu ebesonakele futhi singenakhanda.
Emuva kophenyo lwamaphoyisa kutholakale ukuthi lesidumbu esomuntu oneminyaka engamashumi ayisithupha nantathu (63), wakhona Emlazi oshone ngokugula.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natali u-Colonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa asEmlazi asevule icala lokuphula umthetho wokumbiwa kwesidumbu nokucekela phansi ithuna.
“Kuvulwe leli cala emuva kokuba kunethuna elicekelwe phansi nesidumbu ebesikulona sambiwa emathuneni asEmlazi esigcemeni sakwa-T mhlaka-23 Nhlaba. Unogada wasemathuneni ubezulazula ehlola isimo ngesikhathi ezithela kulesidumbu”, kusho uNetshiunda.
Uthe kubizwe amaphoyisa, afika ngokushesha athola isidumbu singenakhanda, kwase kuqalwa uphenyo kanti akukaboshwa okwamanje.