EzosaziwayoIzindaba

Owase-Nigeria Uzofundisa Abakuleli Ukuthandana

Uhlelo lwezithandani i-True Love Games olwenziwa u-Hero Daniels luqoshwa e-Cape Town eNingizimu Afrika kuleli sonto. U-Hero ongumethuli walolu hlelo aphinde abe ngusomahlaya nomphathi wezinhlelo emicimbini uthe ngalolu hlelo uhlose ukufundisa abantu ukuthandana nokuqondana kangcono. Kunolunye uhlelo alwenzayo khona eNigeria oluthi Isolation Games.

Lolu hlelo oludlala ku-YouTube belwenziwa e-Cape Town ngoLwesithathu.

Kulolu hlelo kwenziwa imidlalo ezohlanganisa abantu abaphila ngabodwana kodwa asebefuna omaqondana. Kusetshenziswa ulwazi abantu abanalo ukubaqondanisa nalaba abangathandana nabo.

Ukuze udlale lomdlalo abawungenelayo kufanele bedlule ezigabeni ezintathu futhi okumele beziphumelele zonke. Kulezigaba zontathu abadlalayo benza imidlalo ezobenza bafundane futhi bekwazi ukuthi bengaba yini sebudlalwaneni.

U-Hero uthe ukuze ukwazi ukungena kulomdlalo kufanele abadlalayo babe neminyaka engamashumi amabili nanye kuya phezulu. Okunye kufanele abadlalayo beqophe i-video emfushane bezethula ku-Whatsapp.

Lona omunye umdlalo i-Isolation Games usuye emazweni amaningi anjenge; Nigeria, Ningizimu Afrika, UK, US namanye amaningi kanti usaziwayo wakuleli uSomizi naye useke wadlala kuwona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.