EzosaziwayoIzindaba

USophie Ndaba Udalule Impilo Yokukhula Kanzima Kwelakubo EZimbabwe

Umlingisi odumile nosemnkantshubomvu eNingizimu Afrika uSophie Ndaba udalule ukuthi ungowokudabuka kwaBulawayo eZimbabwe futhi ukhule khona, kanzima. Ukusho lokhu ngesikhathi ekuleliyazwe eliwumakhelwane wakuleli ngempelasonto edlule. USophie ubeyingxenye yenkomfa yezamabhizinisi i-Esteemed Business Women Conference ebise-Lavinia Gardens kwaBulawayo.

USophie Ndaba wamukelwe ngenhlokomo kanje efika kwinkomfa i-Esteemed Business Woman kwaBulawayo eZimbabwe

Lenkomfa ebihanjelwe osomabhizinisi, izikhulu zezinkampani ezinkulu nezikahulumeni ibihlelwe usomabhizinisi wesifazane uSipho Mazibuko.

USophie oneminyaka engamashumi amahlanu nanye (51) wamukelwe ngenhlokomo esidlweni sasekuseni ebesingoLwesihlanu e-Haefelis. Ilapho etshele khona izinkumbi zabantu ezimjabulele ngendlela eyisimanga etheleka ukuthi yena ukhule kwaBulawayo. Nangesikhathi ehla kwindiza afike ngayo ngoLwesine ebusuku, e-Joshua Mqabuko Airport kwakunezinkumbi zosomabhizinisi nabantu ababalulekile eZimbabwe abase bemlindile. nakhona lapho wakudalula ukuthi uma enyathela kulomhlaba wakwaBulawayo ufikelwa umunyu ngoba kuye kusekhaya.

“Ngiyathokoza ngokuba lapha kulendawo yakwaBulawayo; khumbula ikhaya lami leli. Umkhulu wami uzalwe lapha, umama wami ukhuliswe lapha, nami futhi ngikhuliswe lapha, ngakho lendawo iyohlezi iyikhaya lami”, kusho uSophie.

Uveze ukuthi uchithe isikhathi sobungane kuleli dolobha lakwaBulawayo nokuyilapho kuphinde kwavela khona ukuthi ukhule njengentandane njengoba ekhuliswe esikhungweni sezintandane ngenxa yokuhlushwa umndeni obumkhulisa okungesiwo owakubo.

“Umkhulu obehlala eHarare ushone sengihlala eNingizimu Afrika nomama. Emuva kokushona kwakhe eHarare, umama wami owayenenye indodakazi eyayihlala eHarare ngangilindele ukuthi uzonginika isikhathi esanele sokunginakekela ngendlela efanele njengoba isikhathi esiningi wayesesichitha ngokwehla enyuka ezama ukunakekela impilo kamkhulu.

“Ngithe sengineminyaka eyisishiyagalombili umama wakhetha ukuyohlala ngokugcwele eHarare njengoba wayekholwa ukuthi maningi amathuba angavela kwazise kunodadewethu owayenepulazi kulela dolobha. Ngangikuthokozela nami ukuya eHarare kwazise nomama wayengithembise ukuthi ngizofunda esikoleni okuhlalwa kusona ngaphakathi (boarding school)”, kusho uSophie.

Eqhubeka echaza uthe okwenzeka ukuthi konke ayethenjiswe unina akukho okwenzeka njengoba wagcina esefundiswa ukusenga izinkomo epulazini likadadewabo ngafundiswa nokukuluma isishona. Uchaze ngezigameko eziningi ezenzeka esehlala kuleli pulazi likadadewabo.

“Ngelinye ilanga umyeni kadadewethu, sesilungela ukulala kusihlwa wonke esebheke egunjini lakhe lokulala, wangibingelela wase efaka ulimi lwakhe emlonyeni wami. Ngangazi ukuthi lento ayenzayo ayilungile kodwa ngakhetha ukuzithulela ngoba ugogo wami wayengifudise ukuthi ezinye izinto zilunge ziyimfihlo.

“Ngesikhathi sengikhathele ukuhlukumezeka engangikuthola kuleliya pulazi, ngabhalela umama incwadi ngamcela ukuthi akabuye ezongilanda. Kuyena ngabeka inkinga yokugqilazwa izinkomo, ngangasho okunye okwenziwa umyeni kadadewethu ngoba ngigwema ukuthi ngingahliphizi umshado wakhe. Okuningi ngangikubeke kuNkulunkulu”, kusho uSophie.

ITHUBA LOKULINGISA LIFIKA ELAPHO AYELAHLWE KHONA

USophie uthe ekufikeni kukanina epulazini likadadewabo wamkhumbuza ukuthiwayemthembiseni kodwa udadewabo wahlela nonina ukuthi afakwe esikhungweni sezintandane nokuyinto eyayifihliwe kuyena.

“Ngayiswa-ke esikhungweni sezintandane, ngingazi mina njengoba ngangizitshela ukuthi isikole okufundwa kusona ngaphakathi. Ngaze ngathola sekuhambe isikhathi ukuthi ngihlezi esikhungweni sezintandane nakhona ngoba wonke owayehlala khona wayengenamzali. Ngihlezi laphana nje mina owami umama uyaphila. Nokho ithuba lokulingisa lafika ngikhona lapho engangilahlwe khona.

“Kwakuthi mangibuzwa ngemvelaphi yami, ngangiye ngisho izinto ezingekho ngithi abazali bami bafa engozini yemoto, angisenabazali. Ngangenzela ukuthi nami okwami kufane nokwabanye ukuze ngiqhubeke nokuhlala kuleyandawo”, kusho yena.

Uthe ukuphuma kwakhe esikhungweni sezintandane kwaba umusa kaNkulunkulu, njengoba kwavela umngani kamama wakhe owayehlala eNingizimu Afrika owathi akakhishwe kulesikhungo ahlaliswe nendodakazi yakhe emzini wayo owawukwaBulawayo ukuze afunde esikoleni okuhlalwa kusona ngaphakathi.

“Ngathi mangifika kulo muzi kanokusho ngiphekezelwa umama ngakhonjiswa igumbi engangizolala kulona kodwa kwathu umama esehambile ngafuhlelwa nezinye izingane ezazikhona kulo muzi zikhuliswe indodakazi yalo mama njengezakhe. Nami ngaphinde ngabuyela esimeni sokukhuliswa njengentandane.

“Ngacela ukuya ekhaya, ngathembisa ukuthi ngizobuya, nebala bangikholwa ngoba babezitshela ukuthi ngihehwa umuzi wakhona omuhle. Ngeshwa labo ngangingasabuyi mina. Ngazama indlela yokufika kumama eNingizimu Afrika emuva kokubamba amatoho ezitolo eziningi khona kwaBulawayo. Ngaleso sikhathi ngase ngikhulelwe, okuyinkinga ukuthi ngangimncane kakhulu. Kodwa ngaba nesibindi sokutshela umama futhi ngaxolisa ngokuziphatha kwami”, kuchaza uSophie.

Uthe esehlala nonina waqhubeka nokuzama amatoho ukuze naye afake isandla ekuthengeni izinto zasekhaya. Wagcina esekwazi ukuziqalela ibhizinisi lakhe esizwa amakhono ayewathole eseseZimbabwe njengokuphekela abantu, ukugazinga inyama, ukucwala nokunakekela izimbali.

Ube esevolontiya eziteshini zikamabonakude njengomethuli wezinhlelo nokuyilapho abonwa khona abakhiqizi bomdlalo i-Generations: The Legacy. Bamcela ukuthi azokwenza inhlolakhono ngoba kwakunesikhala somlingisi ozoba umabhalane wenkampani. Indlela yakhe yokulingisa yaqala lapho njengoba wayiphumelela inhlolakhono wanikwa indawo yokudlala umlingisi ongu-Queen Moroka.

Uphethe ngokutshela abebehambile lenkomfa i-Esteemed Business Womeni ukuthi kuningi okwenzekile okuhle emuva kokuba ingxenye yethimba lomdlalo i-Generations: The Legacy. Uke wabonakala emidlalweni iYizo Yizo, Soul City, High Rolllers Season 2, She is King nothi Lockdown. Njengamanje ungusomabhinisi ophumelelayo njengoba ebebhizinisi elihlela imishado kanye neligxile ezintweni ezithinta ezempilo i-Sophie on Wellness.

Kuzokhumbuleka ukuthi lomlingisi uke waxinwa isifo sikashukela ngo-2018, ebatshazwa ngapha nangapha kodwa muva uke wavuleleka kwabezindaba ekhuluma ngalokho. Ekhuluma ne-News24 ngawo u-2018 wathi: “Ngifuna ukukutshela ukuthi ukuphila nesifo sikashukela akusiyona into ongayifisela omunye umuntu. Isimo esihlukumeza umzimba, kwesinye isikhathi sidida nengqondo kanti kuyaziwa ukuthi siyabulala ngakho sidinga ukuqashelwa ngaso sonke isikhathi”, kusho yena.

Maduze uSophie uzobe eqopha umdlalo ozovela ku-Showmax nokungavelanga imininingwane eminingi ngawo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.