Imibono

Ubuhlungu Bokulahlwa Nokudelwa Akunamatheli, Kanti Kuyinto Edlulayo

Mfundi wengosi yethu ehlabahlosile yabaNqobi ngiyakubingelela. Namuhla ngifisa ukukhuluma nomuntu osephendukelwe ngabantu, osejikelwe wumndeni walahlwa nangabangani. Mhlawumpe ujikelwe nangabantu obasizile. Obuwutho kubo izolo kawusento yalutho kubo namuhla.

Bengifisa ukukukhumbuza ukuthi unguMnqobi futhi ulapha emhlabeni ngenhloso necebo likaJehova. Namuhla ngizocaphuna indatshana etholakala encwadini yami ethi Don’t Die In The Cage ngaphansi kwesihloko esithi ‘Grow through what you are going through‘. Lendatshana ikhuluma ngomlimi okwangena imbongolo yakhe emgodini omkhulu. Wayeselilahlile ithemba wemukela ukuthi cha ngeke isaphuma. Wabe esecela abantu ukuthi bamsize ukumane ayigqibe iphila khona lapho emgodini. Nebala beza namabhala namafosholo. Babekha inhlabathi beyithela emgodini ngenhloso yokugqiba lembongolo. Babodwa ababeza namasaka kadoti bezothela phezu kwembongolo.

Into eyisimanga eyayiyenza kwaba ukuthi ngesikhathi inhlabathi ihlala emhlane yayiyikhithiza bese inhlabathi iwela eceleni. Ngesikhathi beqhubeka bethela yayiyivika bese igibela phezu kwayo. Yakwenza lokhu kwaze kwaba ukuthi inhlabathi iya ngokugcwala emgodini. Ngenxa yokuthi imbongolo yayisebenzisa wona lodoti nenhlabathi ababeyigqiba ngayo ukuze igibele kukho yagcina ikwazile ukuphuma lapho emgodini.

Kuningi esingakufunda kulendatshana. Konke okubi abazama ukukudicilela phansi ngakho ungakusebenzisa ukuthi kukuvuselele uye phambili. Inhlamba nenhlebo akunamatheli. Kungenzeka bazitshela ukuthi bayakugqiba kanti sebelibele ukuthi wena uyimbewu kaJehova uzomila. Abanye bafukuziswa umona bese bekuzondela into engekho. Abanye bayafisa khona ukukubona uphumelela kodwa hhayi ukuthi udlule bona. Isitha sikhandeka unganakile isikhathi esiningi. Labo abafuna ukuphuma empilweni yakho ungabaphoqi badedele behambe. Sengathi uJehova engalwa nalabo abalwa nawe ahlakaze bonke abahlangene kabi ngegama lakho. Izitha zakho zixabane zodwa. Icebo likaMdali alifezeke ngawe. Kuze kube ngokuzayo Mfundi.

*Ungakhohlwa ukufaka i-order lakho lencwadi kaBoni Mahlinza ethi, Don’t Die In The Cage kule nombolo 0769854176. Ibiza R100 nje kuphela.

Boni Mahlinza
Speaker, Author & Entrepreneur

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.