Iphume Iphila Indoda (62) Embiwe Sekuphele Izinsuku Ezine Ingcwatshiwe
Amaphoyisa asezweni elisempumalanga ye-Europe i-Moldova athole indoda eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili obese kuphele izinsuku ezine ingcwatshe iphila, ayizwe imemeza kungathi ifuna usizo kodwa kungezwakali kahle ukuthi ithini. Amaphoyisa athole lendoda kade ephenya elinye icala lokufa kowesifazane osekhulile kuyona lendawo. Lona wesifazane osekhulile utholwe isihlobo sakhe eseshonile endlini yakhe.
Ngesikhathi amaphoyisa ezwa izwi lalona wesilisa abematasa ephenya umuzi kamsolwa owabulala owesifazane osekhulile owatholwa esefile kule ndawo. Kuthe amaphoyisa emba kukhona akusolayo abona intuba kungathi kunomgodi omude futhi ophelela kude. Alandelile, athola ukuthi kunomuntu wesilisa obevalelwe nguye umsolwa lona obebhekwa, oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye.
Lona wesilisa osekhulile ubelimele entanyeni kodwa ephila yize bekubonakala ukuthi ukhandlekile.
Kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi yena nalona wesilisa osemncane bebekade bezijabulisa ngokuphuza utshwala ngempelasonto, kwase kuba nengxabano phakathi kwabo. Uthe umsolwa ube esekhipha ummese emjuqa ngawo entanyeni qede wamphonsa kulendawo ewumgede wagqiba isikhala sokungena kuwo ngomhlabathi ngenhloso yokuthi afele khona.
*Lolu daba bese luke lwabikwa umsakazo i-947