EZISEMATHENIIzindaba

Inkosi UShinga Iphikisana Nomhlangano Obizwe ISilo

USihlalo wendlu yamakhosi esifundazweni KwaZulu-Natali, Inkosi Rubert Sfiso Shinga isiphikisene nomhlangano obizwe Isilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithi lapho simeme khona onke amakhosi ngenhloso yokudingida udaba lomhlaba. NgoLwesibili abezindaba bathole incwadi eyisimemo esibheke kuwona onke amakhosi angaphansi kobuholi bakwaZulu ukuthi aphelele ezindlini zesishayamthetho esidala oLundi, ngoLwesine mhlaka-23 Nhlaba ngehora leshumi ekuseni. Isilo sithe lomhlangano waso namakhosi siwuchungechunge lweminye ezayo njengoba emuva kwayo kuzobizwa ‘ISIBAYA’ okuzobe kungowesizwe sonke esigodlweni KwaKhangelamakengane, ofana nowake wabizwa uyise waso ISilo u-Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu ongasekho.

Umhlangano obizwe ngoLwesine kusolwa ukuthi uzodingida imitheshwana enqinda amandla amakhosi ehlongozwa ungqongqoshe woMnyango wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMaphandleni, uNkk. Thoko Didiza. Lo ngqongqoshe kuthiwa uhlongoza ukuthi amakhosi angabe esakwazi ukukhipha izimvume zokusingatha umhlaba (Permission To Occupy – PTO) kumalungu omphakathi.

NgoLwesithathu Inkosi Shinga ibhalele ISilo samaZulu incwadi isicela ukuba sihlehlise umhlangano waso namakhosi. Ngokwalencwadi UMKHAYA oyifundile Inkosi Shinga ithi ubuholi bendlu yamakhosi esifundazweni buyazi ukuthi Ingonyama Trust Board (ITB) yakhelwe ukubhekana nezindaba zomhlaba ongaphansi kwezindawo zamakhosi kanye nokusetshenziswa kwawo.

“Njengobuholi bendlu yamakhosi esifundazweni sesike sahlangana ne-ITB ngenhloso yokudingida izindaba ezibucayi ezithinta umhlaba futhi sakhe izindlela zokwenza kube nokuxhumana okuhle nokucacile ekusebenzeni kwayo. Lemihlangano ibingomhlaka-8 Mandulo 2003 nangomhlaka-1 Zibandlela 2003.

“Kuyona lemihlangano ubuholi bendlu yamakhosi esifundazweni baveza ukukhathazeka kwabo ngendlela ibhodi esebenza ngayo nangokuthi kukhona lapho kungacaci khona ngokusebenza kwalo. Kunomhlangano okwakumele uhlale ekuqaleni kwalonyaka kodwa owagcina ungahlalanga ngoba kuningi obekwenzeka obekuqophisana nesikhathi sokuhlala kwawo, wagcina uhlehlela ukuthi ube ngoNhlangulana 2024.

“Indlu yobuholi bomdabu esifundazweni izwile ngencwadi ebhalwe Indlulamithi yamakhosi ngomhlaka-21 Nhlaba, ibiza umhlangano wamakhosi onke ngenhloso yokudingida nge-ITB. Ubuholi bendlu yamakhosi esifundazweni bufisa ukunxusa ISilo sikucabange ukuthi sihlangane nabo kuqala, ngaphambi kwalomhlangano ongoLwesine ukuze buyidlulisele [Indlulamithi] ukuthi imihlangano obuyihlale ne-ITB ihambe kanjani, siphinde ISilo sizwe ukuthi iziphi iziphakamiso abazenze kwi-ITB”, kusho Inkosi Shinga encwadini.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.