EZEMFUNDOIzindaba

Uhulumeni Ukhokhe R1.2 Million Kuthisha Owathola Umsebenzi Ngobugebengu

UNtombelanga Labane waseMpumalanga uboshwe uphiko lwamaphoyisa olubizwa ngama-Hawks eSecunda eMpumalanga, ngecala lokwenza ubugebengu ngesikhathi enza isitifiketi sikamatikuletsheni somgunyathi ukuze abhalisele ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi aqashwe njengothisha. ULabane oneminyaka engamashumi amane (40) akaliphasanga ibanga leshumi nambili (grade 12) izikhathi ezine ezama, waze wadikila.

Kuthe mhlaka 1 Mandulo 2016 uLabane wafaka isicelo sokufundisa eHlelimfundo Secondary School e-Amarsfoort ngaphansi kwesifunda i-Volksrust. “Wanika uthishanhloko i-CV, nemifuzela yezitifiketi zakhe zemfundo kuhlanganisa nesikokoteliwe sikamatikuletsheni, owabe esekhuluma nesigungu esiphethe isikole ukuthi asimqashe”, kusho okhulumela ama-Hawks eMpumalanga uKaputeni Dineo Sekgotodi.

“Uthishanhloko nesigungu esiphethe isikole sabe sesinika uLabane amaphepha okufaka isicelo, wagcwalisa konke okubuzwayo. Nesigungu sesikole sasayina lapho okufanele khona, amaphepha abe eseyiswa ehhovisi lesifunda e-Ermelo.

‘Amaphepha abe eseyiswa kwababhekene nezokuqasha emnyangweni wezemfundo. Nakhona abazange babe nakukhononda, wabe eseqashwa uLabane”, kusho uSekgotodi.

ULabane wagaxeliswa ukuthi kuvele umuntu owayazi ukuthi kazange aliphase ibanga leshumi nambili. Lona owavela wabikela i-Public Service Commission (PSC) eMpumalanga nengachithanga isikhathi yaluphenya lolu daba.

“Emuva kokuphothula uphenyo i-PSC yabuza uthishanhloko, abasebenzi basehhovisi lesifunda nabasemnyangweni ukuthi bamqashe kanjani umuntu ngesitifiketi somgunyathi, babe sebeyibikela ukuthi ukuthi abazange baqphele lutho ngoba abanayo imishini yokuhlola izitifiketi. Udaba lube seludluliselwa ophikweni lwamaphoyisa ama-Hawks ngoNtulikazi 2022 ukuze aqale olwawo uphenyo”, uSekgotodi.

Okhulumela ama-Hawks uthe ngesikhathi kuqhubeka uphenyo lwawo kwavela ukuthi uLabane akaphumelelanga kumatikuletsheni izikhathi ezine ngo-2003, 2004, 2005 nango-2006.

“Emuva kwalokho uLabane ube esekokotela isitifiketi sikamatikueltsheni, efaka kuso inombolo ethi 040 9517 7028 B evela kwesomunye umuntu onguNozipho Ritta Ngema. Ngakho imiphumela ayethi eyakhe empeleni eyomunye umuntu”, kusho okhulumela ama-Hawks.

ULabane uphinde wasebenzisa isitifiketi esikokoteliwe ukufaka isicelo sokufunda e-Walter Sisulu University lapho efunde khona wathol iziqu ze-Batchelor of Education (B-ED). “Uphinde wasebenzisa sona lesitifiketi ngesikhathi efaka isicelo sokugunyazwa ukuba uthisha kwi-South African Council for Educators (SACE), waphinde wasebenzisa sona futhi ukuthola umsebenzi eHlelimfundo Secondary School”, kusho uSekgotodi.

Ophenyweni kuvele ngesikhathi uLabane esebenza njengothisha umnyango umkhokhele imali engu-R1 292 382.00. “Kuthe makuvela izindaba zokuthi ufundisa ngesitifiketi asithole ngobugebengu wayeka umsebenzi, wanyamalala wangaziwa. Uphenyo luqhubekile engekho yena, inkantolo ibe isikhipha umyalelo wokuba acingwe mhlaka-16 Ndasa. Amaphoyisa amcingile, amthola, waboshwa. Uvele enkantolo ngomhlaka-16 Nhlaba, icala lahlehliselwa umhlaka-13 Nhlangulana”, kusho uSekgotodi.

Sezijwayelekile lezigameko zokukokotelwa kwezitifiketi zemfundo othisha. Ngonyaka odlule kuboshwe othisha ababili oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) noneminyaka engamashumi amathathu nane. Laba baboshwe emuva kokuba befake izicelo zokugunyazwa ukuthi othisha yi-SACE besebenzisa izitifiketi ezikokotelwe zase-UNISA

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.