U-DJ Zinhle Uthi ‘Yobe’ Ngokuthi Intsha Yakuleli Ayiqasheki
U-DJ Zinhle usexolisile ngokuthi athi intsha yaseNingizimu Afrika ayiqasheki. Uxolise emuva kokuzwakala kwe-video lapho abekhuluma ohlelweni lomsakazo i-702 ethi: “Into eyenzekalayo ngentsha yaseNingizimu Afrika akusikhona nje ukuthi ayisebenzi kodwa ukuthi iningi layo ayiqasheki. Abanawo amakhono adingekayo. Thina ebhizinisini lethu kusithatha eside isikhathi ukuvala isikhala somsebenzi esisuke sisikhiphile, ukuthola umuntu okahle ongavala isikhala kuba inkinga. Kuyamangaza-ke lokho ngoba kwenzeka ezweni elinenqwaba yabantu abangasebenzi”, kusho u-DJ Zinhle.
U-DJ Zinhle onezitolo eziyisithupha ezifundazweni iKwaZulu-Natali, Gauteng naseLimpopo ugxekiwe ngokuphawula kwakhe kanjalo. Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bathe lo-DJ uchaza ukuthi abantu abasha kuleli bangamavila.
Ube esenikela ku-X ebhala khona ngenhloso yokuxolisa, esho khona ukuthi akazwakalanga kahle. “Ngiyaxolisa kakhulu uma kuhkona abathinteke kabi ngenkulumo yami. Bengingalwi nentsha yakuleli. Njengosomabhizinisi omncane ngiqasha ngiphinde ngiqeqeshe abantu kodwa lokho akusho ukuthi ngingaxazulula inkinga ekhona ezweni yokungasebenzi”, kusho yena.
Eqhubeka uthe kuningi agakwenza uma engasekwa uhulumeni. “Kufanele sicabange ukuthi sibathuthukisa kanjani abantu abasha ukuze belungele umsebenzi? Ngabe siyaphika yini ukuthi asiyitholi imisebenzi esiyifunayo ngoba asinawo amakhono afunekayo? Ngabe siyaphika yini ukuthi abantu abaningi abawufundele umsebenzi ohleze ukhishwa izinkampani, okubenza bengaqasheki?
“Engikubukayo ukuthi nina nikhuluma ngohlangothi olulodwa lwentsha enomatikuletsheni, iziqu ze-diploma noma ezinye kodwa engaqashiwe. Angisho futhi ukuthi abadingi ukusizwa labo kodwa kufanele sicabange ngentsha yonke ukuze sifake inselelo kwabaphethe ukuthi kuqeqeshwe intsha ukuze ilungele imisebenzi evezwa abaqashi”, kusho u-DJ Zinhle.
“Angisho ukuthi bangamavila, kodwa ngithi amathuba avelayo abakwazi ukungena ngoba abanawo amakhono afanele okuqasheka. Ngithemba ukuthi nizongixolela ngokukhuluma ngendlela ezwakala kabi, akusikho ebengikuqondile mina. Ngizoqhubeka nebhizinisi lami ukuze ngidlale eyami indima ekuqeqesheni nasekuthuthukiseni amakhono abantu”, kuphetha u-DJ Zinhle.