EzosaziwayoIzindaba

Selungenelwe Izishoshovu Elovezwe Enza Ucansi Nobeyisoka

NgoMsombuluko kuthe kusa nje bese kune-video ebisisabalele ezinkundleni zokuxhumana inowesifazane enza ucansi nobeyisoka lakhe. Lona wesifazane oyi-social influencer nguGcinile Thwala, kule-video ubonakala enza ucansi nowesilisa obeyisoka lakhe uThemba Selahle odume ngokuthi u-Grootman.

Kusolwa ukuthi le-video yocansi idedelwe u-Grootman.

Inhlangano elwela amalungelo abesifazane i-Women For Change isiphumele obala yathi yeseka uGcinile futhi izofaka ingcindezi yokuthi kuboshwe u-Grootman ngokudedela le-video. “I-Women For Change isamangazwe ukubonakala kwayo le-video ekhiswe uThemba Selahle owaziwa ngo-Grootman. Lesi senzo sakhe sokulwa ngocansi asilulazi nje kuphela impilo yangasese kodwa futhi siyawuhlukumeza umqondo kaGcinile Thwala”, kusho isitatimende se-Women For Change.

Lenhlangano ifuna aboshwe u-Grootman futhi ashushiswe ngalesi senzo sakhe. “Sifuna abezomthetho nabaholi bomphakathi balusukumele lolu daba lokulwa ngocansi nakho konke ukuhlukunyezwa kwabesifazane”, kusho isitatimende sayo.

Ithe icela bonke abantu beseke uGcinile ngokuthi bengavumi ukusabalalisa le-video futhi bengabe besakhuluma ngayo. “Kunalokho asibambisane ukuthi silwe nokuhlukunyezwa kwabesifazane futhi kufunwe ubulungiswa”, kusho isitatimende sayo.

UGcinile ungumnikazi wenkampani i-Glammed by Gciniletee eyenza umsebenzi wokucwala isikhumba nokusiphophotha, kanti uphinde abe usaziwayo ku-Tik tok njengoba enabalandeli abangu-300 000. U-Grootman yena unezibhizinisi elisolwa ngokufana nebhanoyi njengoba edume ngokuthembisa abantu ukuthi abafake imali kulona yena abakhulisele. Ngo-2022, i-Financil Sector Conduct Authority ike yaxwayisa abantu ukuthi beqaphele uma benza ibhizinisi noThemba Selahle.

Ubudlelwane bukaGcinile noGrootman bebuyinto esemehlweni abantu njengoba bebehlezi befaka izithombe zabo ezinkundleni ngayo yonke into abayenzayo. Ngo-2022 laba benze isiphihli somcimbi lapho u-Grootman ethembise khona uGcinile umshado. Baze benza ama-tatoo afanayo, kodwa muva nje eka-Grootman isimboziwe njengoba sezibheda nje izinto. Kusolwa ukuthi u-Grootman akakwamukelanga kahle ukushiwa uGcinile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.