Owayeshade noMfundisi Usola Ukuthi I-Methodist Church Ingenwe Usathane
UNandipha ‘Queen Nandi’ Mlombi usegxeke ibandla i-Methodist Church, abephethe kulo nomyeni wakhe uMfundisi Mawuzole Mlombi. U-Queen Nandi ophinde abe umlingisi wemidlalo kamabonakude usole leli bandla ngokungenwa umoya kaSathane njengoba ethi like afuna ukuba ahushule isisu. Uthe ngesikhathi enqaba ukwenza lokhu ibandla lamisa umholo womyeni wakhe.
Ubekhuluma konke lokhu ngesikhathi esohlelweni lukamfundisi u-Enock Phiri oluthi Taking Dominion oludlala ku-Honey TV njalo ngeSonto. Nokho leli bandla liphikile ukuthi like layalela u-Queen Nandi ukuthi akhiphe isisu. Selize lafuna ngisho izeluleko zomthetho ukuze lizivikele igama lalo ngalezi nsolo azenzayo.
U-Queen Nandi usole leli bandla ngokungenwa umoya omubi njengoba konke okwenzeka kulona kuphambene nokulunga. “Leli bandla likamoya selinakene nami, alisanaki ngisho izinto ezibalulekile ezithinta abantu empilweni kanye namalungu alo”, kusho yena.
Uthe leli bandla lathi kuye kulesi simo esinje somnotho angaba kanjani nomntwana? “Bathi uma nginqaba ukuhushula isisu bazomisa umholo kababa”, kusho u-Queen Nandi.
IZINSELELO EBANDLENI
U-Queen Nandi uthe seziningi izinselelo abhekane nazo kuleli bandla nosekuyisikhathi eside kwenzeka.
NgoMbasa wakhishwa endlini abehlala kuyona nomndeni wakhe nokungeyebandla kanti bese kuvele kuyinto yeminyaka bezama ukumkhipha kuyona kodwa egoloza. Ibandla lathi babeka igama lebandla ehlazweni ngakho abaphume kule ndlu.
Eqhubeka uthe leli bandla liholwa umuntu oyisitabane kodwa ozifihlile. “I-Methodist Church isiqala ukuba inhlokohhovisi yongqingili. Njengamanje leli bandla liphethwe i-bishop ebiyisitabane esizifihlile nomunye owahlukana nomyeni wakhe kodwa manja oseyisitabane esilala nabanye besifazane.
“Kunohlelo nje olukhona. Ukuba umuntu oqondile sekuzoba into engajwayelekile e-Methodist Church. Umuntu oqondile usezoba inhlwa”, kusho u-Queen Nandi.
Okhulumela leli bandla uMfundisi Pumla Nzimande uthe uyazi ukuthi u-Queen Nandi uhamba ekhuluma amanga ngaye yonke indawo.. Uthe ibandla selifune izieluleko zomthetho ukuzama ukuvikela igama nesithunzi saleli bandla. “Okwamanje udaba olukubameli lolu ngeke ngikhulume kakhulu ngalo”, kusho uNzimande.
Nokho ukuphikile ukuthi ibandla like lathi ku-Queen Nandi akahushule isisu. “Asikaze thina sithi kuye akakhiphe isisu, izinsolo ezinzima kabi lezi azenzayo”, kusho uNzimande.
Uthe ibandla alibandlululi abantu ngokobulili, nezitabane liyazamukela. “Kungani abantu belindele ukuthi kunomphakathi okufanele ungavunyelwa ebandleni? Ibandla lethu liyabahlonipha abantu abathandana bewubulili obubodwa futhi likhuluma kahle ngabo. Ibandla liyisikhungo somphakathi esimele zonke izinhlobo zabantu futhi esiphilela ukubazuza, sibasondeze noJehova”, kusho uNzimande uNzimande.
UMSHADO UYAPHELA
U-Queen Nandi usole i-Methodist Church ngokuba neqhaza ekubhidlikeni komshado wakhe. Uthe leli bandla labethwesa umthwalo omkhulu owawubesinda yena nomyeni wakhe. “Besingebona abantu abaxabanayo kodwa umyeni wami ubechitha isikhathi esiningi enza izinto zebandla kunokuba nomndeni wakhe. Lento yonke ingishiye nokuthi ngimenyanye loNkulunkulu okhonzwa kuleliya bandla. Baxova imindeni. Ibandla layalela umyeni wami ukuthi akhethe okokudwa phakathi kwebandla nomsebenzi, yena wakhetha ibandla”, kusho u-Queen Nandi.
Uthe okwamanje akakahlukanisi ngokusemthethweni nomyeni wakhe kodwa bahlala ngokuhlukana. “Sekuyisikhathi eside ngagcina ukumbona. Ngikhathele, angimazi uhlalaphi. Abantwana bami bayikho konke kimina, ngakho ngigxile ekutheni baphile kahle. Okwamanje ngisebenza ohlelweni lukamabonakude, uNkulunkulu usemuhle”, kuphetha u-Queen nandi