Izindaba

Kuvulwe Isithabathaba Se-museum KwaDukuza Kugujwa I-Africa Month

Abantu abahlala ngaphansi kuka masipala waKwaDukuza nasezindaweni ezingaphansi kukamasipala wesifunda iLembe babe nenhlanhla behanjelwe izikhulu zikahulumeni wesifundazwe KwaZulu-Natali kanye nowendawo zizovula i-museum kanokusho eyakhiwe ngo-R26 million. Kunethemba lokuthi le-museum eqanjwe ngegama elithi KwaDukuza Museum izokwakha uthando kubantu bendawo lokufunda ngomlando kanye nokuwazi.

Phakathi kwezinye izikhulu zikahulumeni ebezikhona kuvulwa le-museum umphathiswa woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natali, uDkt. Ntuthuko Mahlaba kanye nemeya kumasipala waKwaDukuza uLindile Nhanca.

UMahlaba utshele abantu baKwaDukuza ukuthi indawo yabo inomlando onothe kakhulu okufanele ulondolozwe. Uthe ukwakhiwa kwale-museum kungenye yezindlela zokugcina umlando futhi kubalulekile ibe usizo ekufundiseni abantu ngomlando.

“Kuyangithokozisa ukuvula le-museum lapha futhi sibe sizogubha usuku lomhlaba lwama-museum. Sishumayela izwi lokuthi abantu befunde izincwadi, bebhale futhi behlale njalo bezingela ulwazi. Leli dolobha liyikhaya kumbumbi wesizwe samaZulu, uShaka Zulu. Abantu bakulendawo kufanele bebangisane ukuza kule-museum ukuzoncela ulwazi”, kusho uMahlaba.

Imeya kamasipala wakwaDukuza inxuse umphakathi ukuthi iyivikele i-musem kumasela ngoba ingeyawo. “Sakhele umphakathi le-museum, nawo sinxusa ukuthi uyivikele . Sicela lokho nje kinina. Kuyoba ishwa ukuyibona esikhathini esizayo seyicekeleke phansi”, kuphetha uHanca.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.