EZEMFUNDOIzindaba

Uxoshiwe Uthisha Obefuna Isithombe Sesitho Sangasese Kumfundi

Umnyango wezemfundo esifundazweni KwaZulu-Natali ugcine umxoshile uthisha obecela umfundi wesifazane ukuthi amthumelele isithombe sesitho sakhe sangasese ku-Whatsapp. UMnuz. M.E. Mnkwanyana (39) onguthisha esikoleni esise-Groutville KwaDukuza ngaphansi kwesifunda Ilembe, KwaZulu-Natali ucele ukufakelwa lesithombe ngesikhathi kunengxoxo phakathi kwakhe nomfundi ku-video call ka-Whatsapp.

Kuthiwa lolu daba luqale ukubikwa emnyangweni ngoMfumfu 2023, kwase kuba nezigcawu zokulalela izinhlangothi zonke ebezenziwa yi-Education Labour Relations Council (ELRC). Lezi gcawu zihlale ngomhlaka 19 Mfumfu 2023, 26 Nhlolanja 2024 nango mhlaka 26 Mbasa 2024. Amacala abebekwe wona uMnkwanyana ukungaziphathi kahle kanye nokuphula umthetho oyisigaba-17 wokusebenza kothisha (section 17 of the Employment of Educators Act 76 of 1998).

EKUQALENI

Ngonyaka ka-2023 kuvele umfundi wesifazane owenza ibanga leshumi nanye (grade 11) osole uthisha wesingisi esikoleni afunda kuso ngokumfuna isithombe sesitho sakhe [umfundi] sangasese.

Nebala umfundi usifakile isithombe sakhe, naye uthisha ube esefakela umfundi isithombe sesitho sakhe sangasese ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo phakathi kwabo nge-video call ku-Whatsap.

Ngokusho kwalomfundi ongadalulwanga, uqale ukuxoxa ngo-Whatsapp noMnkwanyana ngesikhathi yena nozakwabo esikoleni becela uthisha ukuthi abasize ngezinto zesikole, base benikana izinombolo zikamakhalekhwini.

UTHISHA USELULEKA NGEZOCANSI

Ingxoxo phakathi komfundi noMnkwanyana iqhubekile kodwa seyigxile ezintweni ezithinta ucansi. Uthisha ubeseye aluleke lomfundi ukuthi asebenzise isivikela zifo mayenza ucansi ukuze agweme izifo nokukhulelwa. Ube esethola intuba yokucela izithombe zesitho sangasese somfundi, kanti naye umfundi ubezithumela engenankinga. Ngokuqhubeka kwengxoxo phakathi kwalaba, uthisha naye ube esethumela ezakhe izithombe zesitho sakhe sangasese.

Indaba yonakale emuVa kokuba umakhalekhwini womfundi uphathwe uninazala wakhe, obone ingxoxo phakathi kwakhe nothisha wangachitha sikhathi wabikela isikole.

Kube sekuqala uphenyo, udaba lwadluliselwa kwi-ELRC ukuba luhlalelwe iyona ngenxa yobucayi balo. Ngesikhathi kunesigcawu sokuqala salolu daba uMnkwanyana uvumile ukuthi kwenzekile lokhu. “Ngiziphathe ngendlela engamukelekile futhi eyehlisa isithunzi somsebenzi engiwenzayo ngokuxhumana nomfundi ngendlela engalungile.

Ngikhulume nomfundi ngendlela engamukelekile, ngamcela ukuthi angifakele izithombe ezingalungile. Ngilibonile ihlazo ngazisusa lezithombe kumakhalekhukhwini wami. Abazali bakhe bafikile esikoleni engifundisa kusona bezobika udaba, ngangaluphika ngaluvuma ngendlela abebeluchaza ngayo”, kusho uMnkwanyana.

Kuso sonke lesigcawu uMnuz. wayexolisa futhi ezisola kakhulu ngesenzo sakhe nokho kazange akavume ukuthi uke walala nomfundi.

“Ngingenza noma yini engingayalelwa ukuba ngiyenze ukuthi ngilungise umonakalo engiwenzile futhi ngingamsiza umfundi ukuthi athole konke ukwelulekwa akudingayo ukuze amelane nalesi simo. Ngizehlisa kakhulu, ngiyaxolisa ngesenzo sami futhi ngicela ukunikwa ithuba lokulungisa iphutha engilenzile”, kuqhubeka uMnkwanyana.

UPHIKA ULALA NGOMHLANE, UHLANZA AKUDLE NGAYIZOLO

Kwizigcawu ezilandele esokuqala uMnkwanyana ube esephika elala ngomhlane ukuthi uyena obexoxa nomfundi. Uthe akuye obexoxa nalomfundi, kungenzeka ukuthi khona obesebenzisa umakhalekhukhwini wakhe.

Umfundi ukuphikisile lokhu enezela ngokuthi kunezingxoxo ezintathu azenze noMnkwanyana nge-video call ka-Whatsapp lapho abebona khona ubuso bakhe [uMnkwanyana].

Oyinhloko ye-ELRC KwaZulu uMnuz. Raj. Shaker uphikisene nokushintsha inkulumo kukaMnkwanyana ngokuthi “njengoba eqale ngokuzivumela yena engaphoqwe muntu ukuthi nguye obekhuluma nomfundi lokhu kutshengisa ukuthi nguyena ngempela obesebenzisa umakhalekhwini wakhe futhi ekhuluma nomfundi ku-Whatsapp”.

U-Shaker uyakuphikisa ukuthi uMkhwanyana wabhala isitatimende engaphansi kwengcindezi ayeyifakelwe uthishomkhulu.

“Izinto ayeseqala ukuzisho zazingahlangani. Mayechaza wayethi uthishomkhulu wafunda isitatimende esasibhalwe umalume womfundi neminye imininingwane ayisho emhlanganweni, kwathi emuva kwemizuzu engamashumi amabili uphelile lowo mhlangano weza kuye wazomtshela ukuthi akabhale isitatimende sakhe.

“Wazivumela ukuthi watshelwa ukuthi akabhale isitatimende kodwa akekho owayemfunza amagama. Ngokwami lokho ngeke kuthiwe ukufakelwa ingcindezi. Ngakho ngimthola ewumuntu osekhuluma okungesilo iqiniso, lesitatimende wasibhala ekhululekile futhi siyintando yakhe”, kusho u-Shaker.

Emuva kokuphothulwa kwezigcawu i-ELRC ibe seyenza umbiko emnyangweni wezemfundo iwuyalela ukuba uxoshe uMnkwanyana.

I-ELRC iphinde yayalela umnyango ukuthi ukhulume nomnyango wezenhlakahle ukuba ufake igama likaMnkwanyana kwi-National Child Protection Register.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.