Imibono

Amaqembu Akhankasayo Nenselelo Yokudala Imisebenzi Nokuphucula Ezemfundo

Sesibala izinsukwana eziyishumi nanye ngaphambi kokuba sivote. Nobengayinakile indaba yokuvota kodwa useyawuzwa umoya manje.

Noma iliphi iqembu eliyophuma phambili, noma lawo maqembu ayogcina ebusa ngokubambisana (coalition government) kuyomele adale amathuba emisebenzi ngokushesha.

Sesiside kakhulu lesi sikhathi kulokhu kukhulunywa into eyodwa kodwa kungenzeki lutho. Okubuhlungu kakhulu ukuthi zifundile izingane zabantu, ziphele nya izimali zabazali, kulanjiwe emuva kodwa lutho imisebenzi, uma kwenzeka kuqashwa, kukhethwa iphela emasini.

Kuyimanje imicimbi yokuthwesa iziqu athe chithi saka ema-university kodwa sonke siyazi ukuthi iningi labo liyojika nelanga emakhaya nalezo ziqu ngoba imisebenzi ayikho.

Ngesikhathi liqala leli dimoni bekungathi yimikhakha ethile enenkinga yokungaqasheki. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuye kwacaca ukuthi yonke imikhakha inenkinga efanayo, akungeneki kalula kuyona.

Kweminye imikhakha akungeneki ngoba kune-redtape, iminyango ivalwe thanqa kuvulelwa abathile kuphela. Ngelinye ilanga siyongena sigxile kuleyo mikhakha.

Kweminye imikhakha akungeneki ngoba sekugcwele kakhulu.

Ngubani nje owayazi ukuthi inqwaba yodokotela, chartered accountants, engineers bayoke bahlale emakhaya baswele umsebenzi. Mina ngisho imikhakha ebingaconsi phansi kodwa namhlanje esekuzifanela nokuthi ngumdlalo nje, umuntu agcine eseyinhlekisa ngisho ezihlotsheni nakomakhelwane.

Abanye bagcina bengene shi ebugebengwini. Futhi ubugebengu balezi fundiswa bukwelinye izinga, nawe uyazibonela ukuthi ngumuntu ofundile ke lo owenze lobu bugebengu.

Njengoba siya okhethweni nje sengathi besingavula umqondo singavoti ngenhliziyo kodwa sivote ngomqondo ohluzekile. Sengathi singathi masivota sicabangele ikusasa lezingane zethu nezizukulwane ezizayo.

Umphako engiwuphathisa iqembu elizowina yiwona lo wokudala amathuba emisebenzi kuphinde futhi kubhekelelwe nabo abasebenzi.

Ngiyafisa ukubona kuthuthukiswa ezemfundo kakhulukazi emazingeni aphansi kanjalo nasema-university. Kungakuhle izingane zifunde amakhono ziselaphaya emazingeni aphansi, sengathi kungashaywa umthetho wokuthi ingane nengane ithi iqeda isikole ibe inayo into ekwazi ukuyenza ngezandla zayo.

Iqiniso lithi ngeke sibe ngama-academics noma osolwazi sonke, kukhona abaphiwe amakhono ezandla abangadingi nokuthi baze bayovela emanyuvesi ngoba vele into yabo ayibakhombi lapho.

Wena ke ungathanda ukulubona kuphi ushintsho emuva kokhetho?

*UZama Nteyi ungamlandela ekhasini lakhe lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.