Useyawuphosa Umbalane U-L’vovo Derrango
Umculi waseThekwini ocula iKwaito uThokozani ‘L’vovo Derrango’ Ndlovu utshele iphephandaba elibhala ngesilungu i-TimesLive ukuthi obekumenza angabonakali isikhathi eside kwezikaqedisizungu imiyalelo yodokotela abamluleka ukuthi angabi semicimbini.
U-L’vovo unyamalale emculweni ngoZibandlela 2022 emuva kokushawa isifo sohlangothi eqeda ukunandisa kweminye yemicimbi yobumnandi.
Ekhuluma naleli phephandaba lomculi ongowokuzalwa e-Newcastle uthe isimo sakhe sike saba sibi kakhulu njengoba kufanele axhumane nodokotela njalo ngaphambi kokuthi kube khona umsebenzi awenzayo.
“Bengilokhu ngisizwa udokotela wamathambo iminyaka emibili yonke. Empeleni ngiqale ukubonwa udokotela wamathambo emuva kwengozi yemoto engehlele ngo-2022, nakho-ke futhi sengehlelwa isaga sokushawa isifo sohlangothi. Ngibona sengathi angisophinde ngibe ilowa mqemane engangiwuyena”, kusho u-L’vovo.
Emasontweni amathathu edlule u-L’vovo uke wanandisa emcimbini obusendaweni efihliwe e-Kempton Park eKurhuleni eGoli.
“Sekuyiminyaka emibili ngingazihlanganisile nomculo, okubi kakhulu ukuthi noma ngingawuthola umsebenzi kuzoncika kakhulu ekutheni umbiko kadokotela uzothini ngoba kufanele ngixhumane naye njalo mangizothatha umsebenzi. Sengijahile ukunandisa, ngijabulise abantu. Maningi amaqembu epolitiki abengishayela ucingo efuna ukungiqasha njengoba kuyisikhathi semikhankaso yokhetho kodwa ngenxa yomlalelo kadokotela bengingakwazi ukuwamukela”, kusho u-L’vovo.
Ekuqaleni konyaka u-L’vovo kunemicimbi obekufanele acule kuyo nabanye abaculi abafana no-Master KG, DJ Maphorisa, Zuma no Busta 929.
“Yonke leyo micimbi angiyanga kuyona ngenxa yombandela kadokotela. Mase ngiluleme kahle abantu bazobona ukuthi ngizoba matasa kanjani. Kukuthi okwamanje angakafuni ukutatazela”, kuphetha u-L’vovo.
Lomculi kulindeleke ukuthi anandise emcimbini weqembu lepolitiki i-IFP i-Durban Metro Mega Rally ese-King Zwelithini Stadium eMlazi mhlaka-19 Nhlaba.