Izindaba

Owe-Metro FM Uzoxhasa Umndeni Womfana (5) Odutshulwe Ejabulela Uyise

U-Lamiz Halworthy owumsakazi we-Metro FM okuyisiteshi esingaphansi kwe-SABC, usethembise ukukhokhela itshe lethuna lomfanyana oneminyaka eyisihlanu odutshulwe ethi ujabulela uyise obephangwa imoto eqeda kungena nje ekhaya. Isigameko sokubulawa kwalomfana onguDitebogo Phalane Jr. senzeke ngoLwesihlanu olwedlule mhlaka-10 Nhlaba eSoshanguve ePitoli eGauteng.

Lomfana kuthiwa ubone imoto kayise waphuma endlini egijima emjabulela eyomanga njengwenjwayelo. Izinswelaboya ebezizophanga uyise imoto eyi-van zimdubulile lomfana waphuthunyiswa esibhedlela masisha nokuyilapho afike washonela khona.

“Mhlaka 10 Nhlaba uyise kaDitebogo Phalane Sr. uphangwe imoto eSoshanguve ku-Block UU kwantshontshwa imoto yakhe eyi-van i-Toyota Hilux, okubi kakhulu kwadutshulwa indodana yakhe kuleso sigameko eyagcina ishonela esibhedlela.

“Sibuhlungu emoyeni, sicela abangaba nolwazi beze ngaphambili besize amaphoyisa ukuqhuba uphenya lwawo”, kusho isitathimende somndeni.

U-LAMIZ HALWORTHY UZOKHOKHELA IZINDLEKO ZETSHE LETHUNA

Umsakazi we-Metro FM ubhale isitatimende ethembisa umndeni ukuthi emuva kokuthintwa ilesigameko ufuna ukuwuthengela itshe lethuna likaPhalane Jr.

“Anginawo amagama amaningi. Inhliziyo yami yephukile, ayi njengomama kuphela kodwa njengomuntu owumhlali wasePitoli. Akuyo indlela okufanele abantu baphile ngayo lena, ngiyanqaba. Ngifisa ukuthenga itshe lethuna likaPhalane Jr.”, kusho Lamiz.

UPHALANE JR. UBEYINTANDOKAZI KABABA

Emuva kokushona kukaPhalane Jr kuvele ukuthi yena noyise bebengamathe nolimi. Kuthiwa uma uyise engayile emsebenzini ubehlale enaye, emlandela nomaphi lapho eya khona. Bekuthi mayezwa kuduma imoto agijime aphume phandle eyongena emotweni, uyise angene naye endlini esemqukulile. Ngeshwa wayesekwenza okokugcina lokhu ngaleli langa adutshulwa ngalo nguntululwane yezinhlamvu.

“Emuva kokudutshulwa kwendodana yakhe umzala wezwa ukuthi ayisanyakazi kodwa wayiphuthumisa esibhedlela esiseduze. Basho bengakayenzi lutho ukuthi seyishonile”, kusho umzala kaPhalane Sr. u-Gift Makoti.

“Umzala washo ngesikhathi emphuthumisa esibhedlela ukuthi akasanyakazi u-Jr. kodwa wamphuthumisa ngoba enethemba lokuthi uzosinda”, kusho u-Gift.

Eqhubeka u-Gift uthe ufa nje uPhalane Jr. ekhaya bebesanda kuba nesidlo nabazali sokujabulela ukuzalwa kuka dadewabo omncane

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.