Uyashiya Ku-Scandal! ‘UNhlamulo’
Umlingisi wemidlalo kamabonakude u-Matthews Rantsoma obedlala indawo kaNhlamulo emdlalweni owuchungechunge ku-eTV, i-Scandal! useyawushiya lomdlalo. URantsoma ufike kulo mdlalo ngo-2021.
Isiteshi i-eTV sithe lomlingisi akaxoshwanga kulo mdlalo kodwa uzicelele ukuhamba. “Wazise ithimba labakhiqizi bomdlalo kanye nesiteshi ngokuhamba kwakhe, uze wacela iseluleko njengoba sekunamanye amathuba afuna ukungena kuwona. Sikhululekile ngokuhamba kwakhe simfisela okuhle. Uzogcina ukubonakala emdlalweni ekupheleni kukaNtulikazi nonyaka”, kusho abesiteshi i-eTV.
Kuleminyaka ebonakala ku-Scandal! ubeyintandokazi uRantsoama yababukeli nokho uthi akaneme ngendlela lomdlalo omveze ngayo. Ngakho kuyadinga ukuthi abakhombise abantu ukuthi yena uwumuntu onjani.
“Ngazuthi ngumuntu onothando isikhashana abuye angabi nalo futhi, ngathi okwami kwehlukile ngendlela abantu abalejwayele ngayo uthando. Kufanele ngibakhombise abantu ukuthi nginhloboni yomuntu”, kusho uRantsoma.
Ukudlala e-threatre kumsize kakhulu lomlingisi njengoba ubenza ubulungiswa kule ndawo abeyidlala ku-Scandal! futhi kumkhulisile kakhulu ukuba ingxenye yaso. “Ngibe nesikhathi esimnandi. Kube uhambo olumnandi. Iziqephu ebezinzima ilezi obekumele ngincikane eduze nomlingani wami ebengidlala naye, [uNomvelo Makhanya obedlala indawo kaLindiwe Ngema] ngoba bekumele njalo masizozidlala siqale sivumelane ukuthi sikhululekile yini ngazo. Empeleni nje iziqephu ezikanje ziseyinkinga kimina, iyona ndawo okumele ngiyilungise leyo”, kusho uRantsoma.
Lomlingisi ongowodabuka eThembisa Ekurhuleni eGoli uzokhunjulwa abaningi ngezwi lakhe nendlela abebiza ngayo amagama emdlalweni ebichaza abesifazane njengoba beze bambiza ngo ‘Kasi Shakespear’.
Ekhuluma nephephandaba langeSonto, i-Sunday World wachaza ukuthi ungene ekulingiseni ngemuva kokuhlukunyezwa ontanga yakhe. Ukulingisa iyona ndlela akwazi ukuphuma ngayo kubona. “Njengomuntu uyadinga ukuthi uhlehle kubantu nasezintweni ezingakuphathi kahle. Ngakho ukulingisa kimina kwaba indlela yokuphuma ekuhlukunyezweni ontanga futhi kwangisebenzela”, kusho uRantsoma.
URantsoma watshela leli phephandaba ukuthi wayezitshela ukuthi isikhala sokudlala kwi-Scandal! kuzoba into yesikhashana nje kodwa kwammangaza ukuthi kudonse isikhathi eside kanje.
Akucacanga ukuthi uyaphi mayephuma ku-Scandal!