Qhakaza Lapho Okhona
Namuhla ngifisa ukunyakazisa abaNqobi ikakhulukazi labo abezwa ithemba liphela. Umyalezo wami namuhla uthi qhakaza lapho okhona ngoba akukapheli ngawe usaphefumula. Yiba yileso sibani abathi noma besibeke ngaphansi kwetafula kepha siqhubeke sikhanye. Ukukhanya kwakho kuyokwenza ukuthi ubonakale futhi kuyokubeka phambi kwabantu abakhulu.
Ziningi izinto ezingakwenza uqhakaze ngokufaneleyo. Ithalente lakho lingakuqhakazisa. Ukuziphatha ngokulungileyo kungakuqhakazisa. Ukukhuluma izinto ezakhayo nokuba namasu amahle kungakuqhakazisa. Lapha ngibala nje okumbalwa. Ungazikhohlwa ukuthi ungubani? Uphumaphi? Ubhekephi?. Ungaqhudelani nabantu lena impilo yakho ibhekene nawe. Umhlaba awukukweleti lutho kumele uvuke uzenzele. Noma yini oyifisayo qala kancane uqhubeke njalo uze uphumelele.
Vuka wembathe amandla uJehova akunike wona. Ungokhethiweyo. Wehlukile nawe ngendlela yakho, zamukele bese uzethemba. Yakha ubudlelwane obuhle nabantu ophila nabo. Ungavumi amaphupho akho afe ngaphakathi kuwe usaphila. Xhumama nabantu. Sebenzisa izinkundla zokuxhumana kanye ne-internet uthole ulwazi oludingayo. Uma ikhona indlela volontiya ezinhlanganweni zomphakathi. Akube khona imizamo oyenzayo ukulekelela iphupho lakho. Impilo inzima ngiyavuma, kepha kuhle ukuhluleka uzama. Qhakaza lapho okhona ngelinye ilanga uyobonakala. Sengathi uJehova engalwa nalabo abalwa nawe asondeze abazoletha ushintsho empilweni yakho. Kuvele amathuba kwande ukuphila.
Inkosi ikugcine ikuphe amandla ukwazi ukunqoba.
Boni Mahlinza
Speaker, Author & Entrepreneur