Izindaba

Kuboshwe Indoda Ekhwabanisele I-SARS Imali Yathenga Imoto

USipho Philane oneminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61), uboshelwe ukukhwabanisa, ukuntshontsha, ukushushumbisa imali nokuphula imithetho yentela i-Tax Administration Act. UPhilane ongowodabuka eMpumalanga ugwetshwe iminyaka emithathu inkantolo yase-Nelspruit i-Specialised Commercial Crime Court ngoLwesibili.

UPhilane waboshwa amaphoyisa emuva kokuthalakala ukuthi ukhwabanisele i-SARS imali engango-R955 000.

Okhulumela ama-Hawks esifundazweni iMpumalanga, uKaputeni Dineo Sekgotodi uthe: “Phakathi kuka-2013 kuya ku-2014 nango-2014 kuya ku-2015 uPhasane wayengumqondisi wenkampani iSipho Zethu Trading, eyayingenamsebenzi ewenzayo ngaphandle kokukhwabanisela i-SARS.

“Waletha ulwazi olungamanga mayelana ne-PAYE (pay as you earn), inkampani yakhe yafaka isicelo semali esiwukulutha isikhungo sikahulumeni esiqoqa intela kuleli nokwadala ukuthi silahlekelwe imali engu-R955 307.56”, kusho uSekgotodi.

USekgotodi uthe imali eyayiphuma kwa-SARS yafakwa kwi-account yenkampani kaPhilane iSipho Zethu Trading, emuva kwesikhashana ingenile yaphuma iya kwi-account yelinye ibhizinisi nakwamanye ama-account kaPhilane.

“Uphenyo lwama-Hawks lwathola ukuthi uPhilane wathenga imoto i-2005 Mercedes Benz ngayo lemali ayikhwabanisa”, kusho uSekgotodi.

Eqhubeka uSekgotodi uthe ngesikhathi i-SARS ithola ukuthi isigetshengwe uPhilane, imali engu-R490 000 eyayisisele ku-account yenkampani kaPhilani yavalwa, yabuyiselwa kwi-SARS. NgoLwesibili inkantolo imthole enecala lokwephula imithetho yentela i-Tax Administration Act wabe esethola isigwebo sokuba akhokhe inhlawulo ka-R300 000 noma atholoze iminyaka emithathu ejele, ngokushushumbisa imali uthole isigwebo sokukhokha inhlawulo ka-R60 000 noma atholoze unyaka ejele.

Uphiko olungaphansi kwe-NPA, i-Asset Forfeiture Unit linikwe igunya lomthetho lokuqoqa yonke impahla kaPhilane ethengwe ngemali yokukhwabanisa.

“UPhilani uyalelwe ukuthi ayise imoto yakhe i-Mercedes Benz kwa-SARS ukuze idayiswe kwi-action kubuye imali eyathengwa ngayo”, kusho eSekgotedi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com