ABANTU

Ugqugquzelwa Uthando Lobuciko Nokugqoka Ngendlela Ehlukile Onebhizinisi Lengqephu

Uthando lwengqephu lwakheka esemncane uLetta Zulu ongumsiki wengqephu nomnikazi wezimpahla zokugqoka ezibizwa nge-LZ okumele igama lakhe. ULetta unekhono eliyisimanga futhi elingajwayelekile njengoba izimpahla zakhe zingavamile ukubonakala kwabanye abenza umsebenzi ofanayo.

“Angizizwa kahle mangigqoke into efana neyabanye abantu, emqondweni wami kuhlezi njalo kunemisiko engifuna ukuyigqoka ehlukile kodwa enomyalezo omuhle”, kusho uLetta.

Isithombe: Ama-model e-Humble Lane egqoke izimpahla ezithungwa uLetta

Ungene wagxila kulomkhakha wezengqephu ngo-2016, emveni kwalokho akabange esabheka emuva njengoba namuhla engomunye wabasiki bengqephu abahlonishwayo kuleli. Bekuvele kuyisifiso sakhe ukuba umsiki wengqephu egabe ngesitayela esihlukile futhi esikhangayo njengoba eveze ukuthi ubethi uma eya ezitolo angazitholi izimpahla zokugqoka ezifunwa uyena.

Ngokuzalwa uLetta ungowaseMandeni, KwaZulu-Natali nokuyilapho afunde khona esikoleni esikuyo lendawo iMandeni Academy. Uzalwe mhlaka 27 Mfumfu 1993.

Njengamanje uhlala e-Charles Cilliers esifundazweni iMpumalanga lapho eqhuba khona ibhizinisi lakhe.

Utshele UMKHAYA ukuthi inselelo ekhona kuleli bhizinisi imibango kanye nepolitiki yangaphakathi nokuyinto aluleke abasangena kulomkhakha ukuthi beziqhelelanise nayo. Ngokusho kukaLetta amathuba maningi kulomkhakha ngoba uvulekile awugcini ngokuthunga izimpahla zokugqoka kuphela kodwa ungangena ebhizinisini lamacici, izikhwama kanti uma usulikhulisile igama lakho ungangena ngisho kwezamakha neziqholo.

Isithombe: Ezinye zezikhwama ezenziwa uLetta eziqanjwe ngaye

“Okubalulekile ukukhulisa umsebenzi wakho nokwakha ithemba kubathengi, phecelezi i‘customer trust’ bese ukhulisa igama lakho”, kusho uLetta. Eqhubeka echaza, ululeke abafuna ukungena kulomkhakha ukuthi bakuthande ukufunda njengoba naye ewufundele.

Ngomhlaka 15 Nhlangulana uzobe eyingxenye yeMahikeng Fashion Week Season 4 ezobe iseMmabatho Civic Centre khona eMahikeng e-North West.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.