Ahlanganile, Akhipha Ingoma Amadodana O-Brown Dash noMandoza
UZwano no-Harry okungamadodana abaculi beKwaito abangasekho u-Brown Dash noMandoza bahlanganile ngenhloso yokuqhubeka nomsebenzi obuwenziwa oyise eminyakeni yama-90’s. Laba ngokubambisana kuthe ngoLwesine bakhipha ingoma entsha ethi Umdali (The Creator).
UZwano oneminyaka engamashumi amabili nantathu (23) no-Harry oneminyaka engamashumi amabili (20) baveze ukuthi abaqondile nje ukwaziwa njengamadodana ezinkakha zeKwaito kodwa bafuna ukwakha elabo igama emculweni.
“Ingoma esiyikhiphile ethi Umdali isikhumbuza ukuthi kufanele sibeke umdali kukhona konke esikwenzayo. Okunye isikhumbuza ukuthi abazali bethu bakhona basibhekile kukho konke esikwenzayo, futhi kumele sibathembe ukuthi bazosisiza kwesikwenzayo”, kusho bona.
“Okunye sifuna obaba bethu babone ukuthi igugu elibalulekile abalishiya thina sibone kunesidingo ukuthi silibambe ngazozombili silipholishe liphinde licwebezele futhi. Obaba abazange balithole ithuba lokucula ndawonye ngoba babephithizela kakhulu ngesikhathi bezakhela amagama emculweni ngokuhlukana. Angeke ngithi babengebona abangani kodwa isikhathi esiningi basichitha bakha amagama abo ngezindlela ezihlukene”, kusho uZwano.
Igama langempela likaZwano uKutlwano Mabitshela bese u-Harry eba nguTumelo Tshabalala.
“Umculo esiwenzayo thina ufana nokufudumeza into ebisivele ivuthiwe. Owawenziwa obaba ujulile, thina owethu ukhuluma nentsha engangathi emalokishini”, kusho bona.
Njengamanje bamatasa nokuhlanganisa i-EP ezoba nezingoma zomculo ohlukene njenge-piano ne kasi hip hop.