EzosaziwayoIzindaba

USomizi Ugoloza Ukukhokhela Owayeshade Naye

Umdansi obuye abe umsakazi we-Metro FM uSomizi Mhlongo namanje akakayikhokhi imali efunwa owayeshade naye uMohale Motaung. Lokhu kuvezwe ummeli kaMohale uMabu Marweshe. USomizi uhlulwa ukukhokha lemali yize wakhuluma kwabezindaba ngonyaka odlule ethi ukuze kuphele izinkulumo uzomnika uMotaung lokhu akufunayo idlule lento. UMohale ufuna imali engu-R1 500 000 kuSomizi.

Umbiko we-Sunday World uveze ukuthi ummeli kaMohale useye enkantolo ngenhloso yokuphoqa uSomizi ukuthi akhokhe lemali.

UMarweshe uthe uSomizi akakaze akhiphe ngisho isenti lalemali yise ayehambe ekhuluma yonke indawo ethi uzoyikhokha. “Sesithole incwadi ephuma enkantolo esigunyaza ukuthi noma nini siye emzini wakhe lona sithathe noma yini ezolingana nalemali ayikweleta ikhasimende lami”, kusho uMarweshe.

UMarweshe uqale ukumela uMohale ngesikhathi ubudlelwane bakhe noSomizi sebuqala ukuba muncu ngo-2021. UMohale uqashe loku qweqwe lo mmeli ngesikhathi kuzohlala okokuqala ngqa udaba lokuhlukanisa phakathi kwakhe noSomizi, ebelizoba se-Bloemfontein High Court.

NgoMfumfu 2021 uSomizi uhoxise isicelo sokuhlukanisa noMohale emuva kokuvela kwezindaba zokuthi umshado wabo awubhalisile ngokusemthethweni. Kuthiwa uMohale wala ukuthi ubhaliswe lomshado wakhe noSomizi. Ngenxa yalokho kunemininingwane eyagcina ingaqedwanga ukugcwaliswa okudala ukuthi lomshado ube into engekho.

UMKHAYA uke wabika ukuthi uMohale udayisa indawo yakhe yobumnandi i-Fusion Cocktail Lounge ese-Melville eGoli ngenxa yokungenzi kahle. Kuvele ukuthi okwenza leli bhizinisi lingenzi kahle izinkinga zokucima kukagesi, ukuba khona kwamanye amabhizinisi eduzane enza okufanayo nokushoda kwemali. Yize leli bhizinisi belihlezi liphithizela osaziwayo kodwa uMohale uhluleke wancama ukukhokhela imali yokuqasha njalo ngenyanga.

Abasondelene noMohale baveza ukuthi lelibhizinisi bekuvele kuyinto afuna ukuyenza engakahlangani noSomizi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.