Bazokwanda Osozigidi Kuleli: Umbiko Ophumile
Naphezu kwezinselelo eziningi ezibhekene nezinkumbi zabantu kuleli, ezinjengokungalingani kwamathuba, ububha, nokungasebenzi kunombiko ophumile oveza ukuthi iningi labantu baseNingizimu Afrika lisazoba ngosozigidi. Lokhu kuvele embikweni wabe-Henley & Partners nabe New World Wealth obuhlonza ukuthi kunethuba elikhulu lokuthi kwande osozidigi kuleli eminyakeni eyishumi ezayo.
Lombiko obugxile kakhulu emnothweni ohleli kubantu kanjalo nemali eyongwe ezikhungweni zezimali e-Afrika, okubonisa ukuthi abantu abaningi banemali abayigcinile efinyelela ezigidini. Ngokocwaningo olwenziwe ilezinhlangano, eminyakeni eyishumi ezayo abantu abangu 65% imali yabo izobe isingakubona. Ucwaningo belubheka imali eqala ku-$1 million (R18.4 million).
Ngokombiko walolu cwaningo abantu abangosozigidi manje bangu-37 000, bese kuthi abanengxenye ewuhhafu wesigidi babe u-102.
“Naphezu kwezinselelo ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika, kodwa iqiniso limile ukuthi kunenqwaba yabantu abacebile kuleli ukudlula namanye amazwe ase-Afrika ami kahle’, kusho lombiko.
Okunye okuqukethwe ilombiko ukuthi iNingizimu Afrika ingabe ibe nabantu abangu-61 000 abacebe kakhulu ngo-2023, okungenzeka kulabo kube abantu abaqalayo ukuphatha imali engako ngesandla.
Ngokwamadolobha kulindeleke ukuthi i-Cape Town kube iyona eyandelwa abantu abangafika ku-85% abangosozigidi njengoba kumanje bengu-7 400 osozigidi kulela dolobha. Lokhu kulindeleke eminyakeni eyishumi ezayo kanti ngo-2033 kulindeleke ukuthi bebengu-13 500 osozigidi e-Cape Town kuphela.
Nakuba idolobha laseGoli kuyilona elihamba phambili ngokuceba e-Afrika ngosozigidi abangu-12 300, lokhu kulindeleke ukuthi kushintshe ngo-2030 njengoba i-Cape Town kuyiyona ezobe isizihola phambili.
Okunye, umbiko we-Henley & Partners uveze ukuthi izinkampani eziningi eziseGoli njengamanje kunamathuba okuthi zifudukele e-Cape Town.
Ngokwezwe lonke kulindeleke ukuthi inani lezicebi lande ngo-60% ngo-2033.