Ezosaziwayo

ULasizwe Uhambela Phezulu Ngempumelelo Ye-‘Awkward Dates’

Usaziwayo ongusomabhizinisi uThulasizwe ‘Lasizwe’ Dambuza ujabuliswa ingqophamlando yempumelelo yohlelo alwenza ezinkundleni zokuxhumana oluthi Awkward Dates. Kulolu hlelo oludlala ku-YouTube, uLasizwe umema osaziwayo abavela emikhakheni ehlukene abafake imibuzo ngezinto abazithandayo empilweni nangokunye.

Ubonge bonke ababambe iqhaza kulolu hlelo njengoba kuyibo abalwenze lwaba impumelelo. “Sawubona @awkward_dates, uyakhula mtanami. Ngiyaziqhenya ngawe! UBANI OFUNA ALANDELE, MUSHO! (Senza uhlu), Ngiyabonga kubona bonke ababuka i-Awkward Dates masonto onke! Ngiyathobeka, nginithanda nonke”, kusho uLasizwe.

Selokhu lwaqala lolu hlelo oseluneziqephu ezingamashumi amathathu nanhlanu (35) osaziwayo asebeke bavela kolu oThando Thabethe, Maps Maponyane, Vusi Nova, Faith Nkesi, Kwenzo Ngcobo, Thandeka Dawn-King, Anele Zondo, Mihlali Ndamase, Kamo Mphela nabanye abaningi.

Isithombe: UMnuz. Mmusi Maimane ongusopolitiki no Lasizwe ohlelweni i-Awkward Dates

Ezinyangeni ezidlule uMKHAYA uke wabika ukuthi uLasizwe udayisa imoto yakhe eyi-Range Rover, abaningi abakutolike ngokuthi isimo sakhe sezezimali asisihle yize yena akuchitha lokho. Kuthe ngenyanga edlule wamangaza abaningi etshengisa abalandeli bakhe imoto entsha ceke yohlobo lwe-Volvo EX30 (EV) abesanda kuyithenga.

Ku-Instagram uLasizwe uveze ukuthi kuningi akuphathele abantu ababukela loluhlelo oselokhu lwathokozelwa abantu kusukela luqala. Abaphendule umbhalo wakhe bamcele ukuthi ake ameme oLiema Pantshi, Prince Kaybee noSomizi Mhlongo kulolu hlelo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.