Okuka-DJ Tira Okwezandla
Muva nje usaziwayo okukhulunywa ngaye kakhulu eThekwini uMthokozisi ‘DJ Tira’ Khathi ngenxa yokuthi umculi ofufusayo u-Luke Ntombela uveze izindaba ezishaqisayo ngaye. U-Luke usola u-DJ Tira ngokumfakela ‘into ethile’ esiphuzweni ayesiphuza okwadala ukuthi agcine evuka embhedeni wakhe kodwa bengakaze bevumelane ngalutho.
Kuvela lezindaba nje ngenyanga edlule kubikwe ukuthi kugqekezwe amahhovisi okuqopha enkampani yakhe u-DJ Tira, i-Afrotainment kwathathwa yonke into ebiphakathi. Kugcine kukhishwa umehlokaboni ka-R20 000 kozosiza ngomkhondo ongaholela ekutholakaleni kwabenzi balokhu.
Okunye, kune-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana kuyona kunowesifazane othukuthele ugane unwabu, uzwakala egxeka abahleli bomcimbi obungempelasonto iKhuphuka Nezakho okunqobe kuwona uNjoko. Lo wesifazane okusolwa ngathi ungumlandeli kaThwasa Lekhansela ugxeka abahleli aze afake igama lika-DJ Tira okungaqondalakali nokho ukuthi lingena kanjani ekuhlelweni komcimbi kamaskandi.
Ebhala ekhasini lakhe, ezinkundleni zokuxhumana u-Luke uthe wahlangana no-DJ Tira kwaba khona abakuxoxayo kodwa akukho abavumelana ngakho. Lo mculi ube esefaka imibhalo ka-Whatsapp lapho abexoxa khona nalo DJ ngalolu daba. Okuqaphelekile kwingxoxo yabo ukuthi u-DJ Tira akakuphiki lokhu okushiwo u-Luke, kodwa uqhamuka nohlelo lokukulungisa.

Isithombe: U-Luke Ntombela
Engxoxweni ka-Whatsapp phakathi kuka-Luke no DJ Tira kuvela ukuthi lo DJ wayethinta u-Luke sengathi bayathandana nokuyinto engahlalanga kahle kuye. Kuthe uma u-Luke eseveza lezinsolo zakhe ngo-DJ Tira wase emthembisa imali nokumsiza aqophe ingoma noma i-video mahhala emahhovisi okuqopha e-Afrotainment.
Lentokazi sekuyisikhathi eside ikhuluma lolu daba no-DJ Tira kodwa engayinakile okuze kwayiphoqa ukuthi idedele ibhomu ezinkundleni zokuxhumana. Okugqamile ukuthi lentokazi ifuna ukuzwa ngo-DJ Tira ukuthi yini lena eyayenza ukuthi ingakhumbuli lutho ngesikhathi ivuka embhedeni wakhe.
Muva nje u-Luke usanda kufaka ku-Instagram ingxoxo abe nayo nomuntu angamazi ku-Whatsapp, obefuna ukungenelela ngenhloso yokulungisa lolu daba nokho lentokazi ayizange iyingene indaba yakhe.

Isithombe: Ingxoxo phakathi kuka-Luke nomuntu angamazi obezama ukungenelela kulolu daba.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bazikhulumela noma yini nje ngalolu daba, abanye bagxeka u-Luke ngokuluveza manje ekubeni sekunesikhathi eside lwenzekile kanti abanye bathi bekumele ayovula icala kunokuthi amhlambalaze ezinkundleni zokuxhumana.