IThebe Investment Iyaphika Ukuthi Ukuhamba Kwe-Shell Kuleli Kumayelana Nengxabano
IThebe Investment Corporation isikuchithile ukuthi ingxabano iyimbangela yokuhamba kwe-Shell kuleli njengoba kuke kwamenyezelwa yiyo lenkampani okulindeleke ukuthi ivale iziteshi zayo zika-petrol ezingaphezulu kuka-600 eNingizimu Afrika. I-Shell ikuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi nebala izothutha zonke izimpahla zayo ilifulathele elengabadi emuva kokusebenza kuleli kusukela ngo-1902.
IThebe Investment Corporation iveze ukuthi sekuphele iminyaka emibili ingasasebenzisani ne-Shell kodwa okwenzekayo ukuthi kwaba nokungavumelani ngenani lemali okumele idayise ngalo amasheya angakuyo kule nkampani eyisikhondlakhondla kwezidayisa amafutha ezimoto.
“Amanga aluhlaza lawa. Ukuhamba kwe-Shell eNingizimu Afrika akuhlangene nobudlelwano ebesinabo nalenkampani. I-Shell iyazise ngokusemthethweni iThebe Investment Corporation ukuthi ihlela ukuvala ibhizinisi layo eliseNingizimu Afrika”, kusho lenkampani.
IThebe Investment Corporation ikuqinisekisile ukuthi into obekungakavunyelwana ngayo inani okumele idayise ngalo amasheya kwi-Shell. “Ngo-2022 iThebe Investment Corporation yathenga amasheya angu-28% kwi-Shell Downstrean South Africa (SDSA), ngemali eyayiyibolekile nenye okwakungeyayo”, kusho iThebe Investment Corporation.
Iqhubeka ichaza lenkampani ithe emuva kokuhlaziya imigomo kanye namaqhinga okonga angayisebenzela esikhathini esizayo yanquma ukuthi iphume ebudlelwanweni yabo ne-Shell. “I-Shell sayazisa ngo-2022 ngalesinqumo, kwabe sekuvunyelwana ngenani esasizodayisa ngalo lamasheya angakithina, kusetshenziswa i-formula eyaziwayo ezimakethe zomhlaba. Kwenziwa konke lokhu kukhona izazi zokucubungula izinto eziphathelene namasheya. “I-Shell iyona ebambezele ukuthi kuqedwe ngalento”, kusho abe Thebe Investment Corporation.
“Into ewungqingetshe manje phakathi kwethu ukuthi amasheya akithina kumele adayiswe ngamalini, inkinga ukuthi i-Shell ikholwa ukuthi lendlela yayo yokubala iyona okufanele isetshenziswe”, kusho iThebe Investment Corporation.
Lolu daba selufakwe kumxazululi njengoba kungekho okuvunyelwana ngakho phakathi kwalezi nkampani. Kusukela ngo-2023 lolu daba belulokhu luxoxwa kodwa ungabibikho umphumela oya phambili ngenani okumele kudayiswe ngalo amasheya akwi-Thebe Investment Corporation.
“IThebe igcine iluyisa kumxazululi lolu daba ngokulandela umthetho olawula izivumelwano zanabanikazi bamasheya. Kumanje udaba luyaxoxwa”, kusho iThebe Investment Corporation.
Le nkampani ithi iyaziqhenya ngokubamba iqhaza ebhizinisini lokudayiswa kwamafutha ezimoto futhi yeseke ukuthuthukiswa kwebhizinisi lenkampani enkulu njenge-Shell eNingizimu Afrika.
“Ukwenza ushintsho nokuthuthukisa imiphakathi enye yezinhloso zethu, ngokubambisana ne-Shell Downstream South Africa yonke leminyaka lokho sikuzuzile. Siyaziqhenya ngokubamba kuleli bhizinisi”, kusho iThebe Investment Corporation.