Izindaba

Ujatshuliswa ‘Ukubamba Isisu’ UGogo Maweni

Isangoma esidumile u-Lee-Ann ‘Gogo Maweni’ Mokopo uveze ukuthi ugcine ekhulelwe emuva kwesikhathi eside ezama ukuthola umntwana nomyeni wakhe kodwa kungalungi. Ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ngoLwesithathu ejabulela lezindaba. “Ukukhulelwa isisu into eyenzeka izinyanga eziyisishiyagalolunye kodwa ukuba umama into yempilo yonke”, kusho uGogo Maweni.

Njengamanje uGogo Maweni unezingane ezintathu eziphilayo zonke. Eyokuqala uyizala nowesilisa waseMelika, eyesibili uyizala noSthembiso Khoza ongumlingisi kumabonakude okuke kwaduma ukuthi usephanjanelwa ikhanda neka Siyabonga Zulu owumdlali webhola.

Ingane ayithwele uGogo Maweni yenziwe ngohlelo lwe-In-vitro Fertilization (IVF) njengoba bese kuyisikhathi eside beyizama nomyeni wakhe kodwa kungahlangani. I-IVF uhlelo lokusiza ngokuvundisa nokuvikela izinkinga ezingaba khona ngesikhathi sekubelethwa umntwana.

“Sesizame isikhathi eside [nobaba] kungalungi kodwa manje sengikhulelwe, Ngike ngaphuphunyelwa isisu kodwa sengikhulelwe ngokusemthethweni”, kusho uGogo Maweni.

Uthe sebezame kaningi nomyeni wakhe ukuthola umntwana manje sekuyisikhathi sokusulwa kwezinyembezi. “Sinomuntu manje okhulayo, ngifuna ukumgcina ngaphandle komsindo nezinkulumo. Ngifuna umntwana akhule kahle.

“Uma wenza i-IVF kumele uhlezi njalo uya esikhungweni sempilo uyobhekwa, udla namaphilisi, uhlolwa njalo, ufakwe emshinini uze ucikeke kodwa ekugcineni kuvele ukuthi ukhulelwe”, kusho uGogo Maweni.

Uthe ngeke atshele abantu ukuthi unezinyanga ezingaki ekhulelwe ngoba ufuna ukuthokozela isikhathi sokukhulelwa ngokukhululeka nomndeni wakhe. “Ngifake i-video ye-scan ku-Instargram kodwa ngisheshe ngayikhipha. Isisu sami siyakhula futhi ngiphile kahle. Ngizama ukuthi konke kuhambe kahle njengoba ngizithwele”, kuphethe yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.