Sidinga Ubuholi Obuqotho
Ngiyakubingelela mfundi wengosi yethu ehamba phambili. Lenyanga esikuyo ingebaluleke kakhulu ngoba yinyanga okuzobe kunokhetho ngayo lapha eMzansi. Ngifisa ukukhuthaza ukuba siphume ngobuningi bethu siye ukuyovota. Umphako engifisa sibe nawo sisabheke okhethweni owokuthi sikhethe kahle.
Kumele sikhethe iqembu elizosisiza ukushintsha izimpilo zethu. Sidinga ubuholi obuqotho obukhathalele ikusasa. Ngesingami ukukhetha kwethu sengathi singeze sabukela imanje kepha sicabangele ikusasa lezingane zethu. Ubuholi okanye iqembu ozolikhetha lithini ngekusasa nemfundo yezingane? Lithini ngobugebengu nenkohlakalo? Lithini ngamathuba emisebenzi namakhono?
Ubuholi buqala kumuntu ngaphakathi. Kumele akwazi ukuzihola yena ngaphambi kokuhola abanye abantu. Umholi oqotho yilowo okhathalela abanye abantu. Okwazi ukuthatha izinqumo eziphusile eziya phambili. UMholi uzwakala olimini ngokukhuluma into enomqondo futhi eyakhayo. Akadingeki uMholi ozikhukhumezayo abukele abantu phansi. Kafuneki uMholi okhathazeke ngesikhundla sakhe kuphela akhohlwe abantu. UMholi othembisa angafezi akasizi ngalutho. Ubuqotho, amasu amahle, isibindi, ukwethembeka, izinqumo eziphusile , ukumela abantu ngobuqotho nokukhuthaza izinto eziyisa umphakathi phambili yikho kanye esikudingayo.
Masikhethe kahle uma sesiyovota.
Boni Mahlinza
Author, Motivational speaker & Entrepreneur