Bekuphendukwa Nomculi Wakuleli Emcimbini Obuse-New York
Namanje kusabatshazwa indlela abegqoke econsa ngayo umculi waseNingizimu Afrika u-Tyla, othathe amehlo abantu abaningi emcimbini i-2024 Met Gala obuse-New York ngoMsombuluko. Kulo mcimbi kuba ne-red carpet okuhamba kuyo osaziwayo abaphambili kuphela. U-Tayla oke wanqoba i-Grammy Award uqhamuke kuyona le-red carpet kwachwaza abantu, edlubhe i-Balmain sand sculpture gown.

Isithombe: Ingubo ye-Balmain sand sculpture ebigqokwe u-Tyla kanye nomfanekiso wayo
“Besifuna ukwenza into yezinga eliphezulu futhi ehlukile kuneyabanye njengoba bengiqala ukuya kulomcimbi we-Met Gala. Ngesikhathi abe-Balmain sand sculpture bengikhombisa umfanekiso wengubo engizoyigqoka, ngivele ngabona ukuthi ingilungele, ngiyithandile”, kusho u-Tyla
Umcimbi i-Met Gala wenziwa minyaka yonke ngenhloso yokukoleka imali yokuthuthukisa izinhlelo ze-museum i-Metropolitan Museum of Art ese-New York. Le-museum inezinhlelo zayo zokukhuthaza abantu ukuthi bengene kwezengqephu futhi ibanike i-platform yokuveza amakhono abo kuyona ingqephu, ngakho i-Met Gala iye isetshenziselwe lokho. Kumenywe osaziwayo bemikhakha ehlukene abaye begqoke ngokulandela i-theme esuke ibekiwe ngalowo nyaka, eyakulo nyaka ibithi Sleeping Beauties: Reawakening Fashion.
Umsebenzi wokumema osaziwayo abeza kwi-Met Gala wenziwa umhleli osenesikhathi eside esebenza kwiphephabhuku i-Vogue, u-Anna Wintourr. Abaphathi bohlelo emcimbini wakulonyaka bekuwu-Jennifer Lopez, Zendaya, Bad Bunny no Chris Hemsworth.
Ngokwezigaba zomcimbi kuqale kube nohlelo lokufika kwezicukuthwane okuhlanganisa ne-red carpert, bese kuba nomcimbi we-gala dinner okuwumcimbi omkhulu wokuqoqa nokwethulwa kwezimali ezifakwa abantu. Uma sekuphele i-gala dinner kuba nemicimbi eminingi yenjabulo ehanjelwa osaziwayo abehlukene.
Ibhuku lezengqephu i-Fashion’s Big Night Out libike ukuthi imali enkulu eyenziwe yilo mcimbi kube eyethikithi elilodwa elithengwe ngo-$22 million (R406 million) ngo-2023.
Makuziwa kwingqephu u-Tyla wakuleli ungomunye wosaziwayo abaqokwe njengabebegqoke kahle kwi-red carpet. U-Tyla ubegqoke ingubo kanokusho ebithungwe umsiki wengqephu odumile e-Britain, u-Hayden Williams. Kuthe maphakathi nomcimbi wabonakala esephethe i-Bamain hourglass clutch, okuyisikhwama esiphambili ebesihambisana nengubo abeyigqokile. Lomculi uke wabonakala endaweni yobumnandi ephambili eSoweto eGoli, Ikonka. Kule ndawo kuvela ukuthi ubeqopha i-video yengoma yakhe ethi Jump, apike kuyona uGunna ongumculi we-rap waseMelika.
Emcimbini i-Metro FM Music Awards 2024 obuseMbombela Stadium eMpumalanga ngoNdasa, u-Tyla uhlonishwe nge-Global Icon Award, ngeshwa wayengekho emcimbini.