IzindabaUmculo

Umculi Umangazwa Ukuthakaselwa Kwengoma Yakhe Ethi ‘iStepfather’

Uveze ukuthi kuyamshaqisa ukuthakaselwa kwengoma yakhe ethi iStepfather u-Olefield Khetha. Uthe okwenza amangale ukuthi lengoma ike yanganakwa muntu ngesikhathi esanda kuyikhipha, abanye beyithatha njengehlaya.

Echaza uthe lengoma yamfikela emuva kobudlwelwane abe nabo nowesifazane abatholane naye enengane, nokwakumphoqa ukuba ayamukele futhi ayinakekele ngothando.

Amagama akulengoma ahamba kanje: “Ngathembisa ukuthi ngizokujabulisa, uma ukukulekelela kwami ukukhulisa umntwana wakho kukujabulisa, ngizokwenza njengoba ngasho ukuthi ngizokujabulisa futhi ngikuthande”.

Echaza u-Olefied uthe ngale ngoma ubezama ukuphumisela obala imizwa yakhe ngalona wesifazane amthandayo onengane angayizali. Uthe indodana yesithandwa sakhe yakhombisa ukuyithakasela nayo lengoma njengoba ike icule kanye nayo mayidlala emsakazweni. “Namanje angikholwa ukuthi yiyo lengoma esithakaselwa abantu kanje ekubeni kade beyigxeka kanje, abanye beyenza ihlanya’, kusho uKhetha othe ukwenza kwabantu ikhona okwamgqugquzela ukuba aqhubeke nalengoma.

Uthe ngale ngoma ufuna ukufundisa abantu umuntu wesifazane onengane kayena umlahlwa, wonke umuntu uyaludinga uthando. “Uma uthanda umuntu umthanda nakho konke eza nakho kuwe”, kusho u-Olefied.

U-Olefied uthe abantu abebekhombisa ukungayithakaseli ingoma yakhe abesilisa, abebemgxeka bethi unakekela igugu lenye indoda. “Ngiyama ukubabonisa ukuthi lezinto abazibhalayo ezinkundleni zokuxhumana azilungile. Ngiyabatshela ukuthi ngesingami ukuba indoda kusho ukwazi ukunaka into ngisho ngabe awuhlangene nayo inqobo nje uma kungekho olimalayo ngalokho. Ukuba indoda ukwenza izinto ezilungile”, kusho uKhetha.

U-Olefied ozalwe kwaNzimakwe, KwaZulu-Natali ukhule emndenini owuthandayo umculo njengoba umkhulu wakhe ubeyilungu leqembu lesicathamiya, umama wakhe yena ubeyimbongi futhi eyisangoma. Uqale ukuqopha ingoma yokuqala esafunda emazingeni aphansi emfundo. Kuthe ngo-2019 wakhipha i-EP ethi My Story in Different Colours, wakhipha enye ngo-2021 ethi Enough.

Kunezingoma zikaKhetha ebezisetshenziswa emdlalweni obudlala ku-eTV, i-Rhythm City eseyaqedwa. Izingoma ebezizwakal kulo mdlalo ilezi; B.U.K.A, Ezintabeni, Umlungu, Bazoyimela, nethi Olefied Queen.

Uthe ukudlalwa kwalezingoma kulo mdlalo kwamakhela inqwaba yabalandeli futhi watholwa ukunakwa. Emuva kwalokho uthuthuke emculweni njengoba eseke wenza izingoma nabaculi abafana no Zakes Bantwini, Big Zulu, Mthandazo Gatya, Mthunzi, Mnqobi Yazo, Mr Brown, Duncan no Zakwe.

Ingoma ka-Olefied ethi Ezintabeni isohlwini lwezingoma ezidlala kwifilimi yaseMelika ethi Loving A Younger Man. Umdidiyeli wale filimi waxhumana naye ekhasini lakhe le-Instagram, wacela amnike imininingwane ngayo kanye nemvume yokuyisebenzisa. Umenywe njengesicukuthwane esiqavile ngesikhathi yethulwa lefilimi, ngeshwa bekuyikhathi se-Covid 19 ukuya kwamanye amazwe kuvaliwe.

Lomculi kumanje upheka ingoma entsha eyi-EP ezophuma ngoNhlangulana. NgoNhlaba uzokhipha i-single ethi Isithombe ne-video yengoma ethi iStepfather. Uthe umculi amthandayo kuleli u-K.O., kanti nto emchaza ngaye indlela ajika ngayo e-stage, indlela aphethe ngayi ibhizinisi lomculo nokuthi uyakwazi ukwenza ahlale ethandeka.

Intatheli yoMKHAYA ebhale lolu daba ibuke i-video yengoma ka-Olefied ethi Friend Zone yachazeka.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.