Izindaba

U-Penny Ntuli Usinde Kulimala Imoto Yakhe Ku-N3

Isilomo somsakazi we-Jozi FM, u-Penny Ntuli usinde kukubi emgwaqeni u-N3 ngesikhathi kuqathakaza isigodo elolini liqonda ngqo emotweni yakhe. U-Penny ubhale ekhasini lakhe ku-Facebook ukuthi unqume ukunyusa imoto yakhe ayise eGoli ngoba useqala ukuyijwayela indawo kanti kuzokwenzeka lesehlo.

NgoLwesibili ngabo-22:02 UMKHAYA ubone ekhasini lalo msakazi lapho echaza khona ukuthi kwenzekeni.

“Lapho ukube sike sanyathela ama-brakes, ngiyazi bekukhona ebezizosingena ngemuva. Ukuba ngike ngazama ukulivika [ugodo] ngaya ku-slow lane bengizizofaka kwenye imoto. iyodwa into ebengingayenza laphana ukuyoziphosa etshanini. Noma ngabe ngenzeni bizolimaza imoto..kodwa akulimalanga muntu, sengibonga lokho”, kusho uPenny.

Yize abantu abaningi bebemduduza futhi beshaqekile ngokumehlele lomsakazi kodwa yena kazange akhombise ukuthuka. Kuzokhumbuleka ukuthi u-Penny usanda kujoyina i-Jozi FM esuka emsakazweni waseThekwini, iGagasi FM, awulaxaze emuva kokuba kube nokungavumelani phakathi kwakhe nomsakazo ngemali abezoyihola. I-Jozi FM inezindlu zokusakaza eDube eSoweto esifundazweni iGauteng.

Ngaphambi kwalesi sigameko u-Penny uke wafaka ekhasini lakhe umbhalo obe indida, abaningi asebecabanga ukuthi ubuyisibikezelo sokulimala kwemoto yakhe ngoLwesibili.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.