Kusinda Kuyehlela Ku-Leon Schuster Wamahlaya
Sibi isimo kusomahlaya wodumo lwamafilimi i-Mr Bones, Shucks its Schuster, Frank & Fearless namanye njengoba esechithe isikhathi eside elele esibhedlela ngenxa yokugula. U-Schuster oneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanye (71) uqalwe zinkinga zokugula emuva kokuba eshelele wawa kwi-van ngesikhathi kuqoshwa ifilimi i-Mr Bones 3 ngo-August 2023.
Uyiswe esibhedlela ukuze elashwe, odokotela bathola ukuthi ngendlela alimele ngayo kuzophoqa ukuthi bemhlinze. Nebala uhlinziwe wase ebuyela ekhaya. Kuthe esalulama ekhaya waphinde wawa okuphoqe ukuthi abuyiselwe esibhedlela, odokotela bathi bazomhlinza futhi.
Ekhuluma nephephabhuku i-YOU u-Schuster uthe kunzima kakhulu njengoba umhlane wakhe usufana nento engekho. “Angikho esimeni esikahle kodwa isimo sokuthemba isona esingiphilisayo”, kusho yena.
Uthe usalindele ukuthi ahlinzwe futhi kodwa odokotela bathe kuyaphoqa ukuthi ehlise isisindo esiwu-15kg, ukuze ahlinzwe ngempumelelo. Njengamanje uhamba ngezinduku kuphela kanti udonswe ngendlebe ukuthi aqikelele indlela aziphatha ngayo ngoba uma engaphinde awe futhi kobe sekuphelile ngaye.
“Ngiyazama ukuziqinisa, kufanele ngizame ukwehlisa isisindo kodwa angikwazi ukuzivocavoza. Yikho ukuphila ngethemba, ngiyamthemba uNkulunkulu nodokotela, sekuyibona abawumgomgodla wempilo yami. Ithemba lami selikubona kuphela’. kusho u-Schuster.
U-Schuster ozalelwe e-Vereeniging ulandela uhlelo lodokotela abangongcweti ekulapheni izifo zamathambo ukuze ajwayele ukuphinde azihambele. Ukhale ngokuthi ukugula kwakhe sekumbangela ukhwantalala. “Ngisesikhathini esinzima, esihogweni uqobo lwaso, sengize ngaba nokhwantalala. Sesiside isikhathi ngihleli esibhedlela, izinyanga eziyishumi (10) zonke kusukela ngilimala okokuqala”, kuphetha yena.
Abalandeli bakhe badlulise amazwi okumqinisa ekhasini lakhe lika-Facebook emuva kokuba efake umbhalo ngokugula kwakhe. U-Annabel uthe: Qina Schuster, abantu abaningi bathandazela ukuba ululame, uphile futhi. Usezinhlizweni zethu, uNkulunkulu uzokusiza akuphilise”.
U-Wendy Barker uthe: “Zindaba ezimbi ukuzifunda lezi. Sizokubeka emthandazweni, uzoba ngcono ngokushesha. Phumula nje, uthathe izinto kancane, usuku nosuku, siyazi uzolulama Oom Schuster”.