Ithwasa Lekhansela Lidikile Umcimbi Likhala Ngoku ‘rojwa’
Umculi kaMaskandi, Ithwasa Lekhansela uthi ngeke aphinde awungenele umncintiswano weKhuphuka Nezakho. Ukusho lokhu emuva kokuhlulwa nguNjoko emcimbini obekuncintisana kuwo obubanjwelwe eThekwini, eCurries Fountain ngoMgqibelo.
Kulo mncintiswano uNjoko ukhale wemuka nomklomelo ka-R100 000. Ithwasa Lekhansela liphawule kanje ngalo mcimbi: “Bengigcina ngci ukungenela lo mncintiswano. Lokhu angikusho kabi kodwa ngenxa yezinkinga ezibekhona futhi ezenzeke izwe libuka. Ngibona kungcono ngihoxe kulo mncintiswano.
“Umncintiswano uqale kahle kodwa wonakala ekugcineni. Wonke umuntu obewulandela uyazi ukuthi bengilokhu ngiqhwakele phezulu. Uze wayovalwa ngizihola phambili, ngilandelwa nguGatsheni, uNjoko ehleli isithathu. Kodwa ekugcineni kuvele kwamenyezelwa uNjoko njengomuntu onqobile, mina besengihleli isithathu,” kusho Ithwasa Lekhansela.
Lithi lisazibuza ukuthi lisuke kanjani phambili layohlala endaweni yesithathu.
“Into engikhalisa kakhulu ukuthi ngishaywe ngumuntu obehleli endawei yesithathu hhayi nanoGatsheni obengilandela eduze endaweni yesibili. Akekho nochazayo ukuthi lento yenzeke kanjani. Ngisola ukuthi kubekhona ukwenzelela,” kukhala Ithwasa Lekhansela.
Uthi abalandeli bakhe bagcine sebehluthuka becasulwa yindlela ebekwenzeka ngayo.
“Umoya wami wonakele futhi nabalandeli bami baxhashaziwe kulo mncintiswano. Ngokubona kwami umuntu ozowina ubesevele aziwa yingakho engekho ochazayo ukuthi kwenzekeni,” kusho Ithwasa Lekhansela.
“Lo mcimbi sengizowuhambela kuphela uma ngiqashiwe hhayi ukuthi ngiyongenela umncintiswano wabo,” kusho yena.
UNgelo V obengumhleli walo mcimbi ucele ukuthintwa emuva kwemizuzwana. “Ngisendleleni futhi ngishelwe nayizwi, ngicela ungithinte emuva kwemizuzwana,” kusho uNgelo V.
Kodwa emuva kwehora ubengasazibambi izingcingo.
*Lolu daba bese luke labhalwa intatheli uZama Nteyi