“ISilo Indoda Yeqiniso” – Zibu Sibiya
Usomabhizinisi odume ngokubhala imibono yakhe angasabi ezinkundleni zokuxhumana uZibu ‘Masotobe’ Sibiya ubhale ekhasini ku-Facebook encoma okwenziwe iSilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini ngempelasonto. Ngesonto ISilo neNdlunkulu bebeseJozini emzini wakwaMyeza ukuyolobola indlovukazi yesithathu yeSilo, UMasesi Myeza. Kuthiwa ISilo sishiye izinkomo eziyishumi nanhlanu (15) ekhweni laso, kwaMyeza.

Isithombe: ISilo neNdlovukazi yaso yesithathu uMasesi Myeza
NgoMsombuluko kube nenkulumo-mpikiswano ngesenzo seNdlulamithi sokulobola umuntu wesifazane onengane okungesiyo eyakhe. Kukhona abebesisola ngokulahlekelwa isintu njengoba bekholwa ukuthi owesifazane ozele kashadwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwasuka umsindo ngesikhathi usaziwayo uKini Shandu ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook ngaphansi kwesihloko esithi ‘Isintu sithi’. UShandu wabhala ukuthi ngokwesintu umuntu wesifazane ozele akashadwa ngoba usuke eseyichilo. Emuva kwalokho izishoshovu ezilwela amalungelo abesifazane zimemeze kwaduma izintaba zikhala ngokwedelelwa uShandu. UZibu ungomunye wabesifazane abayisukumele kakhulu lendaba njengoba eze wasungula umkhankaso wokubhekana ngqo nenkulumo kaShandu obubhekiswe ehhovisi likaNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu-Natali uNkk. Nomusa Dube.
Ebhala ekhasini lakhe ngoMsombuluko uZibu uthe ISilo sikhombe indlela ngalesi senzo saso. Abasigxekayo abanake ezabo. “Akekho umuntu ophilayo ongenaso isici, akekho ongalenzi iphutha kodwa indoda eyenza okufaneleyo noma kungelula, noma abantu beyiyocula isuke iphelele. ISilo sikaZulu uma singaphelele singaqhoboza amatshitshi kulale uyaca kujike kungabi ndaba zalutho, kodwa ukukhetha kwaso ukuhlonipha igceke lomfokazana, lihambise izinkomo ziphelele, sihloniphe igceke, iNduna, izintombi nezi nsizwa zendawo, wahlonipha nathi uqobo”, kusho uZibu.
Uthe isenzo seSilo kumele sishayelwe ihlombe ngoba esikwenzile kuwubuqiniso nokuyilo eliphelelisa ubudoda. “ISilo indoda yeqiniso”, kusho lentokazi ebuye ibe umbhali wezincwadi.
“Nasi isintu esisaziyo, uma inhliziyo yakho ithathekile, waqomisa, wathandwa, kuhle ukuhlonipha abazali be ntombi, nezintombi zangakubo ngokuphelelisa enikuqale esithe. Noma bengamubeka amabala othandwa uwena, bamubone engakufanele, iqiniso limele.
“Dadewethu odlala insizwa ethi “it’s complicated” naso isibonelo, ayikho impilo e-complicated ukudlula lena KwaZulu, uma uNgangezwe ekwazile ukuma nowakhe, ungafihlwa ungathandi mtaka mama. Hamba, okuthandayo uyokulanda kini emini bebade”, kuphetha uZibu.