EZEMFUNDOIzindaba

I-UKZN Iqinise Umthetho Kwabazohambela Umcimbi Wokuthwesa Iziqu

Isikhungo semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) sikhiphe uhlu lwemithetho okumele ilandelwe abafundi abazobe begqokiswa imiyezane njengoba lonke leli sonto (kusuka ngoMsombuluko) kuqhubeka umcimbi i-2024 Autumn Graduation e-Westville Campus Sports Centre eThekwini.

Sebebonke abafundi abazobe bethweswa iziqu bangu-7796 kanti izinsuku ze-graduation zihlukaniswe ngokuhlukana kwama-college kanje:

6 Nhlaba – College of Health Science
7 Nhlaba – College of Law Management Studies
8 Nhlaba – College of Agriculture, Engineering & Science
9 – 14 Nhlaba – College of Humanities

I-UKZN ishicilele imithetho ekhasini layo lika-Facebook okumele ilandelwe abazobe beyingxenye yale-graduation. Le-university idonse ngendlebe abafundi ukuthi bengafiki sekwedlule isikhathi njengoba kungeke kuvunyelwe muntu ozongena ngaphakathi ehholo mase kuqaliwe.

Abathwebuli bezithombe abangagunyaziwe abavunyelwe ukuthatha izithombe noma ngabe ezani esani ngaphandle kwabenkampani iZidlekhaya Photography nabophiko lwezokuxhumana lesikhungo. Ukusetshenziswa kwe-logo yalesikhungo kunoma yimuphi umbhalo okungesiwona owesikole akuvunyelwe.

I-UKZN ithe bonke abazophula lemithetho bazobhekana nolaka lwayo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.