Uzimisele Ngokuba Nebhizinisi Lokudla Elihamba Phambili OwaseMandeni
USANDISO Maphumulo waseMandeni uthi ufuna ibhizinisi lakhe lokudla iSandi’s Enterprise Pty Ltd libe ngelihamba phambili kwadayisa ukudla kule ndawo. Leli bhizinisi abambisene kulo nesithandwa sakhe uMbali Mthethwa uliqale ngomhlaka-12 Nhlangulana 2023 bedayisela kwi-container esezimakethe ngezansi kweThempeli lakwaShembe edolobheni eMandeni.
“Ngiqale kancane ngidayisa umgxabhiso, usu oluxutshwe nethumbu nophuthu ngilokhu ngibekelela kancane. NgoNtulikazi wonyaka engiqale ngawo bangigqekezela bantshontsha yonke into ekhishini lami”, kusho uMaphumulo.
“Emuva kwamasonto amabili ngihlanganisile ngaphinde ngayivula futhi indawo yami, ngaqhubeka silokhu singeseka njalo isithandwa sami uMbali.
“Kuthe ngoNcwaba ngalibhalisa ngokusemthethweni leli bhizinisi ngilandela yonke imigudu yakhona. Kumanje nginamaphepha aqondile alo kuhlanganisa ne-CK. Kumanje ikhishi lami lingaphansi kwe nkampani yami ebizwa ngeSandis Enterprises Pty Ltd”, kusho uMaphumulo.
Uthe inhloso yakhe ukwenza inkampani ukuze akwazi ukuthola uxhaso ngendawo noma ngezinsiza kusebenza zohlobo lwebhizinisi alenzayo, nokufinyelela kuma-tender ngaphansi kukamasipala waseMandeni.
Eqhubeka echaza uthe usethole enye indawo yokudayisela ekhona eMandeni Plaza ngase-Border Hardware maqondana nendawo eyenza izinwele ebizwa nge-Unisex Salon.
“Kuningi esenginakho kwi-menu engingabala kukho i-beef, wors, beef liver, ujeeqe, usu, ithumbu, i-sausage ne kota bread. Siyakwazi ukwenzela amafemu ukudla, engike ngawahambiseli i-Gomma Gomma, Sappi, Whirlpool akhona eMandeni. Sithatha ama-order ayishumi kuyaphezulu (10+). Senza okudingwa ikhasimende lethu silihambisele”, kusho uMaphumulo othe ngokuvamile ama-order uwahambisa ngesikhathi sokudla ekuseni.

Isithombe: Ilogo enamanani okudla kwe-Sandi’s Enterprise Pty Ltd
“Ukudla kwasekuseni kuba i-quarter leg ene-chakalaka nepapa noma i-quarter leg enama-fries chips”, kuphetha uMaphumulo.

Isithombe: Ilogo enamanani okudla kwe-Sandi’s Enterprise Pty Ltd
ISand’s Enterprise Pty Ltd isebenza kusukela ngoMsombuluko kuya kuMgqibelo phakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) kuya kwelesihlanu (17:00) ntambama. Ama-order enziwa ngokuxhumana nalezinombolo ezingezansi ngokufona naku-Whatsapp ku: 0731546604/0790631750/0723874819