I-Shell Ihlela Ukuhamba ENingizimu Afrika
Isikhondlakhondla sesiteshi sika-petrol i-Shell sihlela ukulifulathela izwe laseNingizimu Afrika ngenxa yokungavumelani ngezinto ezithile phakathi kwale nkampani nebambisene nayo kuleli ngohlelo lwe-BEE, iThebe Investments. Le nkampani ebibambisene ne-Shell izokhipha isiteki samasheya ayo angu-72% kwi-Shell Downstream South Africa nokuchaza ukuguqa kwalesiteshi esingesinye sezikhulu eNingizimu Afrika.
Ukubhoncula amasheya kwe-Thebe Investments kusho ukuthi i-Shell izosala namasheya angu-28%. Kubikwa ukuthi uma kugcina kwenzeka lokhu abanamasheya kule nkampani bengalahlekelwa imali engu-$73 million ebiku-investment.
Ibuzwa ngalokhu lenkampani ngalokhu yalile ukuphawula yathi ayiphawuli ngezinto eziyinzwa bethi futhi izinto ezixoxwa emihlangweni yamabhodi nabanini bamasheya iyimfihlo. I-Shell ineziteshi ezingaphezu kwamakhulu ayisithupha (600) kuleli ezinemvume yokusebenza ngokugunyazwa umnyango wezokuMbiwa Phansi nezaMandla. Lenkampani isisebenze kuleli zwe iminyaka engaphezu kwengu-120 futhi iyigama elithenjwayo kakhulu abanikazi bezimoto.
Izindaba zokuhamba kwe-Shell ziqhamuka nje seziningi izinkampani ezihlongoza zaphesheya ezinezinhlelo zokuhamba eNingizimu Afrika, zibeka isizathu sokuthi leli zwe aliseyona indawo ekahle yokusebenza ngenhloso yokwenza i-investment.
Ekupheleni kuka-2023 isikhulu esiphethe kwa-VW Passenger Cars uMnuz. Thomas Schafer sithi iNingizimu Afrika asyiseyona indawo ekahle yebhizinisi lokwakha izimoto neminye imikhiqizo yazo ngenxa yogesi ohamba njalo, uhulumeni ophoqelela ukukhokhelwa kwabasebenzi imali enkulu nezinkinga ze-Transnet. “INingizimu Afrika ike yaba indawo enhle yokwenza ibhizinisi njengoba ibisezingeni lamazwe omhlaba futhi zingekho phezulu izindleko zokukhokhelwa kwabantu abasebenzayo kodwa ngenxa yokungakwazi ukuphatha kwabaholi bakahulumeni sekushabalele konke lokho”, kusho uSchafer.
Ucwaningo olwenziwe i-PwC luveza ukuthi abatshali zimali sebehudula izinyawo ukuletha amabhizinisi abo eNingizimu Afrika njengoba bekholwa ukuthi isiyizwe elinezinkinga eziningi ngenxa yokungakwazi ukuphatha kwabaholi abakuhulumeni. Ngakolunye uhlangothi lenhlangano iveze ukuthi abatshali zimali abasebenza ngezemali nezokuxhumana bayakuthakasela ukusebenzela eNingizimu Afrika ngenxa yokuvunda kwaleyomikhakha.