Bangcwatshiwe Abazalwane Abangu-45 Abafa Engozini Yebhasi Ngephasika
Bagcine bengcwatshiwe abantu baseBotswana abangu-45 abafa engozini yebhasi elalibheke enkonzweni yephasika yebandla i-Saint Engenas ZCC eMokopane eLimpopo eNingizimu Afrika. Le ngozi yenzeka ngaseMoria City ngaphandle kwasePolokwane ngempelasonto yephasika lapho ibhasi laphaphalaza maqondana nebhuloho lakhalakathela eweni lasha langqongqa nabantu phakathi, kwasinda intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalolunye (8) kuphela.

Isithombe: Lasha langqongqa kanje ibhasi elalihambisa abazalwane bebandla i-Saint Engenas ZCC enkonzweni yephasika
Ngendlela abantu abasha ngayo babengasabonakali kwaze kwasiza ukuba behlonzwe nge-DNA.
Emngcwabeni wabo obuse-Molepololefor eGaborone eBotswana bekukhona uDkt. Phophi Ramathuba ongumphathiswa wezeMpilo esifundazwe iLimpopo eNingizimu Afrika obemele umengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa.

Isithombe: Umphathiswa wezeMpilo eLimpopo uDkt. Phophi Ramathuba
Izinkumbi zabantu ababalelwa kwizinkulungwane ezinhlanu (5000) abebethamele lomngcwabo bebegqoke izingubo ezimnyama njengophawu lokuhlonipha nokuzila. Abantu abangamashumi amane (40) bangcwatshwe ndawonye kwase kuthi umshayeli webhasi u-Ogaufi Noonyane yena wangcwatshwa Thamaga endaweni eyibanga elingama-kilometre angamashumi amane (40) ukusuka engcwabeni omkhulu.
Emuva kwale ngozi abantu abaningi bagxeka ububi nokungaphephi kwemigwaqo yaseNingizimu Afrika.