Ufuna Ukusebenzela Umsakazo Omkhulu U’Mahembe’ We Sakha Isizwe FM
Unesifiso sokusebenzela Ukhozi FM uBhekumuzi ‘Mahembe Indlondlo Yomsakazi’ Mncwabe osakaza kwi-Sakha Isizwe FM ezwakala ku-internet. UMncwabe wenza uhlelo lwasemini kulomsakazo olungena ngoLwesihlanu phakathi kwehora leshumi nambili (12:00) nelesithathu (15:00) ntambama olubizwa nge-Friday Cruiser Nathi .
Kulolu hlelo uMncwabe unesigaba ahlose ngaso ukuveza nokuqhakambisa ithalente lamaciko endawo esingena ihora lonke kusukela ngo-12:45 kuya ku-13:45 lapho esuke edlala khona umculo wawo kuphela. “Lokhu ngikwenza ngenhloso yokuthi kuvele amakhono amaciko endawo, aziwe futhi aqasheke’, kusho lomsakazi wesiteshi esisakazela eNgonyameni ngaseMlazi eThekwini.
UMKHAYA ubhalelwe umlaleli walo msakazo ongumlandeli kaMncwabe wacela ukuthi kesikhulume naye ukuze abonwe nangezinye iziteshi ezingamqasha asakaze kwazise umsakazo asebenza kuwo manje ulalelwa nge-data. “Ave simthanda, uhlelo lwakhe alusiphuthi ngoba unamancoko nomndlandla ngendlela emangalisayo. Siyacela imisakazo emikhulu isiqashele leli qhawe lomsakazi, siyazicelela singabalaleli nisiqashele lomsakazi noma nikhulise umsakazo akuwo ube ne-frequency”, kusho lomlaleli ozibize ngo-Amahle.
UMncwabe utshele uMKHAYA ukuthi ngendlela abalaleli abamthanda ngayo, uma esezongena emoyeni bagcwala emtholampilo wangakubo ukuze bekwazi ukumlalela besebenzisa i-wifi.
UMncwabe oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) uqale ukusakaza kwi-Sakha Isizwe FM ngonyaka odlule. Uqale ukufunda amabanga aphansi khona eNgonyameni eMlazi esikoleni iMganda Primary School wabe esedlulela eMhawu High School. Kuthe eseyofunda ibanga leshumi waya eNomavimbela High School lapho aphothule khona umatikuletsheni.
Ebuzwa UMKHAYA ukuthi imuphi umsakazi amthandayo nabukela kuyena uthe ilona obesakazela Izwi Lomzansi FM, uSphiwe Mchunu ongasekho. UMKHAYA ufake i-video kaMncwabe eziqophile, enza adume ngazo ku-channel ka-YouTube ethi @UmkhayaMediaGroupPtyLtd