Ubesebenza Ebhange Ozoba Undlunkulu Wesithathu We Silo SamaZulu
Owesifazane onguNomzamo Masesi Myeni osekubikwe ukuthi uzolotsholwa Isilo SamaZulu uke wasebenza ebhange eJozini nokuyilapho simbone khona. Emuva kwalokho ube eseshiya umsebenzi ebhange wayosebenza ehhovisi leSilo.
Ithimba laseNdlunkulu lizoya eJozini ukuyocela ubuhlobo nomndeni wakwaMyeni eJozini ngeSonto mhlaka-5 Nhlaba. Kuthiwa lokhu kumenyezelwe uNdunankulu wesizwe samaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngesikhathi kunomhlangano waseNdlunkulu esigodlweni sakwaKhangelamankengane ngoLwesibili mhlaka-30 Ndasa.
Kuthiwa uNdunankulu wesizwe utshele abantwana ukuthi Isilo sithatha uNdlunkulu wesithathu wakwaMyeni, sabe sesibacela ukuthi babe ingxenye yethimba eliya eJozini.
Ebuzwa uNdunankulu kaZulu ngalokho akaphikanga futhi akavumanga kodwa uveze ukuthi njengoba kuthiwa lokhu kwavela emhlanganweni owawuseNdlunkulu kusho ukuthi akusiyo into yokuxoxwa noma ikanjani.
“Uma ozwe ngabo bethi umhlangano wawusesigodlweni seNkosi kwaKhangelamankengane kusho ukuthi okwakuxoxwa kuyinto ephelela lapho eyayixoxwa khona”, kusho uButhelezi.
UmaMyeni uzoba uNdlunkulu wesithathu weSilo njengoba kuthe ngo-2021 sathatha uNdlunkulu Ntokozo Mayisela wase-Newcastle oneziqu zomculo, saphinde sathatha uNdlunkulu Nozizwe Mulela wasEswatini ongumqondisi webhange likahulumeni kuleliyazwe. Nokho abazi izindaba zaseNdlunkulu bathi akucaci ukuthi kwenzakalani ngoNdlunkulu Nozizwe njengoba engakaze alotsholwe selokhu kwavela izindaba zobudlelwane bakhe neSilo. Kuthiwa into yakhe neSilo yayihlanganiswa abantu abadala okuyibo ababephoqelela ukuthi makwakhiwe ubudlelwane.
UNdlunkulu wesithathu kubikwa ukuthi ubeseneneminyaka emibili enobudlelwano bothando neSilo kodwa befihlile njengoba kuze kuvela emhlanganweni obusesigodlweni kwaKhangelamankengane. UButhelezi ngesikhathi azisa abantwana ngalolu daba uphinde wabatshela ukuthi usuku lomshado luzomenyezelwa uma imindeni yomibili isihlangene.