Sesaba Uthisha Isiqonqwane Se-Chiefs
Umdlali okwakungadluli lutho kuye emuva ngeminyaka yama-90’s esagijima ku-Kaizer Chiefs uLifa Gqosha sewaqala impilo entsha yokuba uthisha. Abafundi abaningi abafunda manje kungenzeka ukuthi bezwa ngendaba ukuthi lomdlali owayeyibamba maphakathi emuva wake waba ngomunye wabahamba phambili ebholeni lakuleli elikhokhelayo.
UGqosha uzalwe e-Pimville eGoli lapho aqale khona ukudlala emaqenjini amancane njengoba eke wagijima kwi-Pimville Brothers. Esagijima ku-Pimville Brothers ubonwe yi-Orlando Pirates emthathile okuthe ngokuhamba kwesikhathi wagcina eseku-Bush Bucks yase-Eastern Cape. Ngesikhathi edlala kulamaqembu ubesevele efundisa uma engekho matasa ngebhola.
WANGENA KANJANI KU-KAIZER CHIEFS
Kuthe ngelinye ilanga evakashele ekhaya esuka eMthatha wehlelwa inhlanhla angasoze wayikhohlwa. Kufike kubo isikhulu se-Chiefs ebesithungatha abadlali u-Stanley Tshabalala sizomshela ukuthi ajoyine Amakhosi. “Wacela ukubona ubaba, ngabe sengizwa ngaye ubaba ukuthi kufanele ngiyoqala ukuziqeqesha naleli qembu laseNaturena. Kwaphoqa ukuthi ngime ukufundisa njengoba laphana ku-Chiefs izinto zavele zashintsha, kwangicacela ukuthi ngisemsebenzini omusha”, kusho uGqosha kwi-channel ye-Kaizer Chiefs ku-YouTube.
Esedlala ku-Chiefs ugijime nabadlali abafana no-Jacob Tshisevhe, Humphrey Mlwane, Ntsie Maphike, Shakes Kungoane, Thabang Lesebe, Thabo Mooki, Pollen Ndlanya nabanye abaningi.
Emuva kweminyaka egijima ku-Chiefs uGqosha ujoyine i-Dynamos yaseGiyani eLimpopo waze wathatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo, waqala ukuqeqesha amaqembu ebhola amancane eSoweto.
UQALA UMSEBENZI WOBUTHISHA
Indaba yokuqeqesha ayizange ibe impumelelo njengoba izinselelo zempilo zaziphoqa ukuthi kube khona imali engenayo ukuze aphile. Wanquma ngaleso sikhathi ukuthi ake abheke umsebenzi wobuthisha ayewufundele noma kwase kuyisikhathi eside aphuma kuwona. Ngenhlanhla akabhekanga isikhathi eside njengoba kwasheshe kwavuleka isikhala kwesinye sezikole esiSoshanguve ePitoli lapho afundisa khona amabanga elesithupha (6) nelesikhombisa (7). “Osukwini lwami lokuqala kulesikole ngabona into eyayihluke kakhulu njengoba mina ngangijwayele utshani, ibhola amaqhwa namakhokho,’ kusho uGqosha emamatheka.

Isithombe: ULifa Gqosha esekilasini esikoleni esiseSoshanguve ePitoli
Eqhubeka uthe akasheshanga ukujwayela umsindo wezingane ezigijima igceke lonke lesikole zibanga umsindo. Ngangizibona ngilahlekile nje,ngangibona sengathi akuyona indawo okufanele ngibe kuyo kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngaze ngajwayela futhi kwakuphoqa. Kufanele uma unguthisha ukwazi ukwakha isibopho sothando phakathi kwakho njengothisha nabafundi ukuze bekuthathe njengomngani nomzali wabo”, kuphetha uGqosha.