EzosaziwayoIzindaba

UKhuzani Uhlehlisa Umcimbi Wakhe IGcwalisa, UMthandeni Uhoxa Ukuya Emicimbini yaseThekwini

Inkakha yomculi kamaskandi uKhuzani isihlehlise umcimbi wayo obekuhlelwe ukuthi ube seGoli iGcwalisa i-Orlando Stadium. Lo mcimbi obekumele ube kule nkundla yebhola eseSoweto ngomhlaka 8 Nhlangulana akucaci kahle ngokuwenze wahlehla.

Esitatimendeni asikhile uKhuzani uveze ukuthi kunamathize athinta usizo oluvela kwabanye abantu okumphoqe ukuthi ahlehlise umcimbi. “Ukuze ufeze injongo yakho empilweni kuyenzeka uthembeke osizweni oluvela kwabanye abantu. Uma izinto zingalungi kumele ulinde, ungaphoqi izinto ngoba ungagcina usuwenza into engahlelekile.

“Nginqume ukuwuhlehlisa lomcimbi wami iGcwalisa i-Orlando Stadium osukwini engizolumemezela maduze.”, kusho uKhuzani.

Lo mculi ongaconsi phansi kubalandeli bakhe ubuye wathi uyazi ukuthi kunemidlalo yebhola lezonyawo okuhlelwe ukuthi idlalwe kulenkundla ngakho uma esehlele konke nabaphathi bayo uzolumemezela usuku.

Uthe unethemba lokuthi lomcimbi uzofana nawenze eThekwini eminyakeni emibili edlule iGcwalisa i-Moses Mabhida Stadium eyaba nedumela futhi yayimpumelelo.

Nakuwo lomcimbi okulindeleke ukuthi ube se-Orlando Stadium kuvele ukuthi kuzosina kudedelane izinkunzi zikamaskandi nezinye izinhlobo zomculo. Kubuzwa uMthokozisi Zuma ongumphathi wakhe uKhuzani ngesizathi esiphoqe ukuthi kuhlehliswe lomcimbi, uthe akangeni kakhulu kulolo daba yena kodwa akuthintwe uKhuzani owumnikazi womcimbi.

“Ngiwaqonda umbuzo wakho kodwa kungakuhle uma ubuza ngqo uKhuzani owumnikazi womcimbi ngoba uyena owazi kahle izizathu zokuhlehla kwawo. Ilokho nje engingakusho mina”, kusho uZuma.

Kunomunye futhi umcimbi oba minyaka yonke okulindeleke ukuba uhehe izinkumbi zabantu ohlelwa uyena uKhuzani iGcwalisa Spring Picnic oba ngaphandle kwenkundla i-Moses Mabhida Stadium eThekwini.

Ngakolunye uhlangothi iziko lezindaba iJozi Tube lisanda kubika ukuthi inkakha kamaskandi uMthandeni SK iveze ukuthi ngeke isalubhada emicimbini eyenziwa eThekwini ngoba iyahlukumezeka. Kusolwa ukuthi lokhu kuza emuva kwesigameko lapho ephucwe khona umbhobho esacula umsakazi woKhozi FM u-Zimiphi ‘Zimdollar’ Biyela emcimbini obungenyanga edlule we-Mother Of All Maskandi Music Festival e-People’s Park khona eThekwini.

Kulo mcimbi kwasuka esinamathambo u-Zimdollar ehlwithwa umbhobho kuMthandeni esacula wathi uyakhuluma lomculi u-Zimdollar owayephethe uhlelo wathi ‘voetsek’.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.