Imibono

Bathwele Itshe Abangasebenzi, U-R350 Awenele

Mhlaka 1 Nhlaba umhlaba wonke ubugubha usuku lwabasebenzi. Nalapha ekhaya eNingizimu Afrika imibuthano yokugubha lolu suku ibisabalele kuzwelonke. Okuqapheqelekayo ngobekushiwo abantu abebeyihambele ukuthi abasebenzi basathwele kanzima. Ezinye zezinto ezenza kube nzima kakhulu umthwalo odalwa ukubiza kokudla ezitolo, ugesi obizayo nezinye izinselelo eziningi ezikhungethe abantu abasebenzayo.

Siyazi ukuthi kunabantu abasebenzayo okuye kwenzeke ukuthi imali abayiholayo iphele yonke bekhokhela amatekisi abahamba ngawo mabeya emsebenzini nezinye izindleko ezimba eqolo zempilo.

Sesikushilo konke lokho ake sibuke sibuke impilo yomuntu ongasebenzi. Inselelo yokuqala eyokufuna umsebenzi nawo ongasatholakali kalula.

Ziningi izindleko umuntu angena kuzona uma ezulazula ebheka umsebenzi. Ukwenza i-CV kukodwa kuzindleko, kulandele ukwenza ama-copy ezitifiketi nokunye. Lapho abanye kumele bagibele ukuze benze zonke lezinto esizibale ngenhla okudala ukuthi iningi labantu liphelelwe ithemba ngokuwufuna kwawona lowo msebenzi.

Siyazi ukuthi zikhona izaba ezizanywa uhulumeni ukuzama ukwethula lomthwalo obhekene nabantu abangasebenzi kodwa iqiniso ukuthi iningi labantu lixaxekile. Imali yesibonelelo sabangasebenzi engu-R350 kunenkolelo yokuthi ingawenza umehluko nokuyinto esingeke siyiphike kodwa kulezindleko ezinkulu kangaka zokuphila asikwenqeni ukusho ukuthi ayenele. Namuhla asifuni ukukhuluma ngalaba abangakaze beyithole kwayona lemali nalaba abayithole isikhashana yavaleka futhi kuze kube manje ayikho incazelo eqondile ukuthi kungani bengayitholi. Uhulumeni unethuba lokwenza kangcono. Ngeke futhi singene kulaba abayibhubhuza ngokuthenga utshwala. Kodwa isiqiniso ukuthi iphela ezandleni zabo laba abanikwa yona ngoba izindleko zokudla nokunye okuyizidingo zithe mbe.

Kuneminyango kahulumeni esiqale izinhlelo zokuthi abafaka izicelo zomsebenzi kuyona bengafaki ama-copy ezitifiketi nokunye osekuye kufuneke mabebizwa kwinhlolakhono kuphela, nakuba kunjalo kuningi okwenziwa umuntu ofaka isicelo somsebenzi okudinga imali.

Ngokombiko oku-website i-www.expatica.com izindleko zokuphila ngenyanga kumuntu osemazingeni aphansi zingafika emalini engu-R8875 umuntu oyedwa. Manje imali engu-R350 siyayichitha. Ngokwethu ukubona lemali ngeke ifeze ngisho izidingo zenyanga zomntwana ofunda enkulisa.

Isithombe: Abantu abami ujenga

Okubi ngomthelela walenselelo esibhale ngayo ngenhla ukuthi yandisa ubugebengu njengoba iningi labantu likubona kuyindlela elula yokuphila kahle. Isimo sokuphila lubhojozi kwemiphakathi ngenxa yemilutha ewuphilisa lubhojozi nsuku zonke singathintabezeka uma enganyusa imali yesibonelelo sabangasebenzi. Okungenani umuntu angakwazi ukwenza izinto ezithe xaxa, angabi nemicabango emibi.

Nakuba bekugujwa usuku lwabasebenzi kodwa imicabango kumele igxile kulaba abangasebenzi ngoba ijoka labo liyesinda lixake noSathane. Kwamanye amazwe imali etholwa abangasebenzi ingconywana uma uqhathanisa nemali engu-R350 okhishwa uhulumeni waseNingizimu Afrika. Ngo-2023 inhlangano yomphakathi i-Black Sash ibambisene nenkakha yomdidiyeli u-Johann Abraham baqophe i-docu-series ebidlulisa umbiko wesimo sempilo yabantu emiphakathini. Le docu-series ibiveza indlela ububha, indlala nokungasebenzi okuhaqe ngayo abantu bakithi, nalapho i-Black Sash iphakamise khona ukuthi uhulumeni kumele alekelele abantu nge-Basic Income Support kusukela kwabaneminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18) kuya kwengamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye (59). Le docu-series iyatholakala ku-YouTube ngegama layo i-Black Sash.

Muva nje izwe lethu likeliswe nenza kangcono ngokomnotho e-Afrika ngakho silindele ukuthi nayo yenze njengamanye amazwe asesigabeni sayo. Siphakamisa ukuthi imali yesibonelelo sabangasebenzi ibe ngaphezu kwenkulungwane.

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.