EZISEMATHENIIzindaba

Bagqenywe Udume Lwengozi Abaseposini Kubhuntsha Izingxoxo Zokubuyela Emsebenzini

Abasebenzi baseposini ababalelwa ku-5000 bavelelwe yishwa kubhuntsha izingxoxo ebezihlose ukugcina imisebenzi yabo.

Ngesonto eledlule labasebenzi bebetshelwe ukuthi bazodilizwa ngenxa yokungenzi kahle kwebhizinisi leposi elingaphansi kukahulumeni. Izinyunyana zabo zibe nezingxoxo nezinhlaka ezihlukene ukuzama ukuguqula lesi simo. Phakathi kwezinhlaka obekuxoxiswana nazo yi-CCMA ne-Single Adjudication Committee.

I-Joint Business Rescue Practitioners ibambisene nezinye izinhlangano ibifake isicelo sokuthi labasebenzi bebe bethola imali ngohlelo lwe-Temporal Employee Relief Scheme (TERS) ngenhloso yokuthi begcine imisebenzi yabo ngesikhathi umqashi [iposi] esalungisa izinkinga zakhe.

I-TERS imali eyisinxephezelo sokungasebenzi edume kakhulu ngesikhathi se-Covid 19. Lemali ikhokhelwa umsebenzi esamisiwe okwesikhashana umqashi noma ongeke akwazi ukusebenza isikhashana ngezizathu abazixoxayo bobabili. Kodwa iphuma kuhulumeni ngoMnyango wezokuSebenza nokuQashwa kuzwelonke. Umqashi uye afake isicelo echaze isizathu sokukhokhwa kwayo.

Ngakho bekulindwe ukuthi izinhlaka esizibhale ngenhla zivumelane bese abasebenzi begcina imisebenzi yabo. Osekuhliphize onke amathemba ngalolu daba ukungaphumeleli kwesicelo sokuthi abasebenzi bekhokhelwe isinxephezelo.

“Lana sikhuluma ngabasebenzi abazodilizwa abangu-4889” kusho u-Anoosh Rooplal we-Joint Business Rescue Practitioners.

Eqhubeka echaza u-Rooplal uthe bekunethemba ukuthi ukuthi isicelo abebesifakile se-TERS sizophumelela, ngoba lokho bekuzosho ukuthi abasebenzi bazokwazi ukuqeqeshelwa amanye amakhono ukuze beqasheke kweminye imisebenzi ezovela esikhathini esizayo. “Umnyango wezokuXhumana nobuXhakaxhaka ubuthembise ukuthi uzobaqasha labasebenzi uma sebenamanye amakhono abawadingayo. Imali ye-TERS ibizosiza kakhulu ngoba abasebenzi bebezothi belindile ngapha iposi libe lizihlela kabusha njengenkampani bese lapho elivuka khona libathole belindile kodwa bengakaze belambe”, kusho u-Rooplal.

Uthe bazamile bebambisene nezinyunyana ukulungisa lolu daba kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. “Abasebenzi bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala. I-TERS ibizoqinisekisa ukuthi abadilizwa abasebenzi futhi imisebenzi yabo izobe iphephile ngesikhathi besahleli emakhaya iposi lisalungisa izinkinga zalo”, kusho yena.

Uthe bayazi ukuthi ukungaphumeleli kwesicelo sabo kusho ukuthini kubasebenzi nemindeni yabo nokuyinto ebazwisa ubuhlungu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.