Ezosaziwayo

Uyoculela Umhlaba Emuva Kokunqoba Indondo Ye-MMA24 UBongeziwe Mabandla

Umshayi wesiginci esinenkosi phakathi ophinde abe umculi we-pop uBongeziwe Mabandla usememezele ukuthi uzoba nohambo lokuyonandisa emazweni ahlukene emhlabeni. Uveze lezindaba emuva kokunqoba indondo ye-Best African Pop emcimbini i-Metro FM Music Awards 2024 obuseMbombela Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo.

Kulo munxa uBongeziwe ubebanga nezinye izingwazi zomculo oZonke, Izinkabi Zezwe, Lwah Ndlunkulu noNomfundo Moh.

Lo mculi ongowokudabuka kuTsolo e-Eastern Cape uqale ukwaziwa emculweni ngo-2012, ngengoma ethi Umlilo lapho asebenze khona nomqambi wezingoma, umdidiyeli u-Tiago Correia-Paulo osemsize ukuqopha ama-album afana ne Mangalise (2017), Lemini (2020) neyakamuva ethi Amaxesha (2023).

Ingoma kaBongeziwe ethi Umlilo ithandwe kakhulu emazweni angaphandle njengoba ibihamba phambili kuma-charts omsakazo wase-France i-Radio France Internationale (RFI).

Ekhuluma nezintatheli emuva kokunqoba indondo ngoMgqibelo uthe ubeqala empilweni yakhe ukukeliswa nabantu okufanele banqobe izindondo emcimbini omkhulu kangaka. “Okungisiza kakhulu ukufaka umfutho kwengikwenzayo nokungagxumagxumi kodwa ngihlale endaweni eyodwa bese ngiqinisa kakhulu lapho engenza kahle khona.

“Angikholwa ukuthi kunencwadi ebhaliwe yokusiza umuntu ukuthi ahlale kulokhu okumsebenzelayo kodwa ngiyazama njalo ukulandela umgudu owodwa wokwenza izinto ngesikhathi ngiqhubeka ngenza engikwenzayo”, kusho uBongeziwe.

Ubonge kakhulu abantu abalandela umsebenzi wakhe nabawuthandayo. “Ngiyabonga kakhulu kubantu abangesekayo, bahlale bemi nami njalo bengeseka noma nini. Uthando lwenu luyangigqugquzela ukuthi ngenze okungcono zonke izinsuku. Ngizizwa ngibusisekile ukuhamba nani loluhambo”, kubonga yena.

Amazwe azowahambela emhlabeni nezinsuku:

21/05/24 Hakken, Hamburg, Germany

22/05/24 Yuca, Cologne, Germany

23/05/24 Kantine Am Berghain, Belin, Germany

28/05/24 Ante Festival, Winterthur, Swirtzerland

01/06/24 Bushfire Festival, Malkerns, Eswatini

07/07/24 Metropolis Festival, Rotterdam, Netherlands

18/07/24 Valkhof Festival, Nijmegen, Netherlands

21/07/24 Cabane, Bambou, Saint-Tropez, France

01/08/24 Midzomer Festival, Leuven, Belgium

03/08/24 Wilderness Festival, Oxforshire, UK

06/08/24 Muhle Hunziken, Rubigen, Swirtzerland

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.