EzosaziwayoIzindaba

Uphika Eyokukweleta Umastende U-R600k U-Phat Joe

Umsakazi obuye ethule izinhlelo kumabonakude u-Majota ‘Phat Joe’ Khambule usechithe imibiko esabalale kwabezindaba ngesonto eledlule ukuthi ukhishwe endaweni eqashisayo yabadla izambane likapondo, abehlala kuyona e-Sea Point e-Cape Town. Lomsakazi oke wasakaza ku-YFM, Metro FM, Radio 2000 naku East Coast Radio ugxeke kakhulu amaziko ezindaba abhale izindaba ezingekho ngaye ngaphandle kokuqinisekisa naye.

Ukhuluma kanjena nje u-Phat Joe ngesonto eledlule kusabalale imibiko ethi uxoshiwe endaweni kanokusho abehlala kuyona nomndeni wakhe e-Cape Town ngenxa yokuhluleka ukukhokha imali yokuqasha. Abezindaba babike kakhulu ngalendaba beveza nokuthi u-Phat Joe ukhishwe kulendawo ngenxa yokukweleta imali engu-R600 000.

Muva nje ukhiphe isitatimende abechitha kuso lemibiko yabezindaba nalapho aveze khona ukuthi inhloso yalemibiko ukumehlisa isithunzi. “Le mibiko esabalele ngami nomndeni wami imizamo nje yomuntu ozenza umastende wendawo engihlala kuyona. Lo muntu ehlangene nobhululu bakhe bahlezi bengihlukumeza, bengithuka futhi bengisabisa. Bake bafuna ukungigebenga imali engu-R267 000 emuva kokwenza amaphepha angumbombayi befuna ngibakhokhele lemali, baya nasenkantolo beyosho izinto ezingekho.

“Kuze kube manje konke abebekuzama akuphumeleli ngoba enkantolo sifike siphume phambili. Lokhu okubikwe ngakho akukho, angikaze ngikhishwe endlini kodwa okwenzekile ukuthi kunesivumelwano esenzekile ngokuyalelwa isinqumo senkantolo enkulu. Akukho lokhu kokuthi kukhishwe izimpahla zami endlini u-sheriff nami ngakhonjwa indlela”, kusho u-Phat Joe.

Eqhubeka u-Phat Joe uthe ufake isicelo sesivimbelo senkantolo sokuthi lo muntu omele ukusabalalisa amanga ngaye angasondeli eduze kwakhe. Abanye athe uzobathathela izinyathelo zomthetho ilaba abathwebule izithombe zendodakazi yakhe esencane ngaphandle kwemvume yakhe baphinde bayifaka emazikweni ezindaba.

U-Phat Joe nendodakazi yakhe eneminyaka emine uNairobi

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.